IChiefs ifunde ‘kuyise’ ishaya iRoyal AM ngeshibobo ngomdlali weSwallows

IChiefs ifunde 'kuyise' ishaya iRoyal AM ngeshibobo ngomdlali weSwallows
UDillan Solomons osayinwe yiKaizer Chiefs yasala ikhala iRoyal AM
Sbongs Gumbi

IKaizer Chiefs ishaye iRoyal AM ngeshibobo efanayo nale eyashaywa ngayo yi-Orlando Pirates iyihlwithwa uMigeul Timm – yona iphuce ezikaMaMkhize uDillan Solomons sezithembile.

Sekuvele ukuthi isikhulu esiphezulu seRoyal AM uSinky Mnisi sisale sinxapha sodwa njengoba bese bevumelene neSwallows ngalo mdlali.

Kodwa kube sekuqhamuka Amakhosi avele amsayina ngokushesha lo mdlali iRoyal AM isalinde kubuye umengameli wayo uShauwn “MaMkhize” Mkhize phesheya bese kuqedelwa konke.

UMnisi usabise ngokuthi kusangenzeka iChiefs ingamtholi lo mdlali ekhuluma nabeSABC Sport muva nje.

Nokho Impempe seyingakudalula ukuthi akulula kwenzeke lokho kwazise iSwallows iyona eyavumelana neRoyal AM, hhayi umdlali.

Kuthiwa bekuvunyelwene ngokuthi iRoyal AM izokhipha isamba esithile bese ithatha oSolomons, Ruzaigh Gamildien noKhethukuthula Ndlovu.

Kuthe uma silulandela lolu daba, sathola ukuthi kubambezele ukungabi bikho kukaMaMkhize ukuthi ezakhe zimthole lo mdlali.

“Obekuvunyelwene ngakho wukuthi iRoyal AM izothatha laba badlali abathathu ngesamba esithile. Kodwa lokhu bekuzoqedelwa kahle ngoJulayi sekubuye uMaMkhize.

“IChiefs ivele yaqhamuka kuleyo ntuba, yabeka imali ecishe ifane nale yeRoyal AM kodwa yona ifuna uSolomons yedwa,” kuchaza umthombo wethu.

“Lokho iSwallows ikubone kungcono kakhulu kwazise izodedela umdlali oyedwa ngemali ecishe ifane nebezoyithola ngabadlali abathathu.

“Isangaqhubeka idayise laba ababili kwenye indawo ithole enye imali uma kuyilokho ekudingayo. Akekho ke obengakuyeka lokho.” 

FUNDA NALA: Sekushoda abambalwa ihlangane inqanawe yeKaizer Chiefs

Nokho iRoyal AM isangaqhubeka nokulwisa iSwallows ngomthetho uma kuwukuthi kwase kukhona ngampela okubhalwe phansi okwavunyelwana ngakho.

Imenenja kaSolomons uNieuwenhuys ukucacisile kwabeSABC Sport ukuthi yena noma lo mdlali abakaze baxoxe neRoyal AM. 

“UDillan ubefunwa amaqembu amabili enze izinto ngendlela efanele abeka imali etafuleni okuyiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates,” kusho Nieuwenhuys. 

“Sixoxisane nawo lamaqembu enze izinto ngendlela efanele futhi angikaze ngithole ngisho ucingo oluvela kwiRoyal AM.

“Nginesiziniseko esigcwele ukuthi akukho uSolomons avemelana ngakho noma akakusayina neRoyal AM.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.