IChiefs igcine iliqedile ishobolo lesibhaxu

UKeagan Dolly
Sihle Ndlovu

IKaizer Chiefs igcine iyitholile iwini ngemuva kwesikhathi eside, kulandela ukushaya iMarumo Gallants ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium ngoLwesibili ebusuku.

Amakhosi akuwahambeli kahle kulezi zinsuku njengoba bese kuze kwaphela imidlalo emine engawazi amaphuzu amathathu. Emidlalweni emihlanu edlule iChiefs ikwaze ukushaya amagoli amathathu kuphela, kanti ithole induku emidlalweni emine.

Lokhu kulahla amaphuzu imidlalo ilandelana bese kwenze yaphuma embangweni wokuqeda endaweni yesibili kwilogi yePremiership, nokuzoyenza ukuthi idlale emiqhudelwaneni yeCAF.

Nokho kumele ukuthi ibuyelwe yithemba ngoLwesibili njengoba ikwazile ukuthola amaphuzu amathathu nokuyenze yabuyela endaweni yesithathu.

Emdlalweni wangoLwesibili leli qembu laseNaturena belidlala ibhola eliyinhlakanhlaka ikakhulukazi esiwombeni sokuqala. Ngaleso sikhathi iGallants ibilihlanganisa kamnandi ikakhulukazi esiswini.

Kuze kwaba yisiwombe sesibili lapho uKeagan Dolly eshaye khona igoli ngomzuzu ka-77, kwagcina kulungile kwiChiefs. Bese idlala kahle lapho futhi kucaca ukuthi iyafuna ukuwina.

Emdlalweni olandelayo iChiefs izobhekana neMamelodi Sundowns eFNB Stadium, ngeSonto ngo-5.30 ntambama.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.