IChiefs ihlola isitobha esinamava eDStv Premiership

U-Edmilson Dove ohlolwa yiChiefs
Sihle Ndlovu

IKaizer Chiefs ingase isayinise u-Edmilson Dove ogcine ukubonakala kwiCape Town City, njengoba ebonakale eNaturena kuleli sonto.

Lesi sitobha kuvela ukuthi siyahlolwa yithimba labaqeqeshi kanti singase sisayiniswe uma bekuthanda abakubona kusona. UDove, odabuka eMozambique, ufike eNingizimu Afrika ngo-2017 ezodlalela iCape Town City, washaya into ecokeme kuleli qembu laseKapa.

Emidlalweni engu-70 ayidlale kwiCitizens ushaye amagoli amane nokungeyona into embi kakhulu uma ungumdlali wasemuva. Lo mdlali oneminyaka engu-28 uphinde adlalele iqembu lesizwe laseMozambique ahlale ebizwa kulona.

Uwine iMTN 8 neCape Town City ngaphansi kuka-Eric Tinkler. Uma egcina esayinile kwiChiefs uzoba wusizo kakhulu ngoba unawo amava adingekayo emidlalweni yeDStv Premiership aseyazi njengantende yesandla sakhe.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *