IChiefs ihoxise u-Itumeleng Khune noBimenyimana kwiCarling Cup

IChiefs ihoxise u-Itumeleng Khune noBimenyimana kwiCarling Cup
U-Itumeleng Khune weKaizer Chiefs

 

Unozinti ongaconsi phansi kubalandeli beKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune, nomgadli ozakhela ugazi ngokushesha uCaleb Bimenyimana ngeke besadlala kwiCarling Black Label Cup. 

Laba badlali balimele kanti iChiefs ikuqinisekise ngoLwesithathu ekuseni ukuthi ngeke besaba khona kulo mqhudelwano. 

IChiefs izobhekana nomakhelwane bayo i-Orlando Pirates emdlalweni wesibili kulo mqhudelwano ozoba ngoNovemba 12 eFNB Stadium. 

“Laba badlali ababili bahoxisiwe ekutheni bavotelwe kulandela isexwayiso sodokotela beqembu,” kusho iChiefs esitatimendeni esishicilele kwi-website yayo. 

“U-Itumeleng Khune welashwa ukulimala edolweni kanti uCaleb yena welashwa umsipha wasethangeni ngaphakathi.” 

Bobabili laba bebengekho ngesikhathi iChiefs ihlula iPirates emdlalweni weligi ngempelasonto edlule. 

UKhune wavukwa ukulimala okudala wakhishwa eseseqenjini elizoqala umdlalo iChiefs ibhekene neTS Galaxy kanti akakabuyi ukusuka lapho.

Uvele ke lo nozinti usenakho ukuhlushwa wukulimala njengoba nakumasizini edlule ubengasadlali njalo ngenxa yakho lokho.

FUNDA NALA: Inkakha inxenxa iPirates ukuthi iqhubeke noMpontshane kowamanqamu kwiMTN8

UKhune nguye obezihola phambili ngamavoti kuwo wonke amaqembu njengoba ebenangu-170 000 ngesikhathi ehoxiswa. 

Abalandeli abebebavotelile bazobuyiselwa amavoti abo ukuze bavotele abanye abadlali abazokwazi ukuba khona kulo mdlalo. 

Komunye umdlalo kulo mqhudelwano kuzogadulisana iMamelodi Sundowns naMaZulu FC bese abazowina badlale owamanqamu ngalo usuku olufanayo.

– Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *