IChiefs ikhokha isibhongo, isayina kwasani, kusho uMcCarthy

IChiefs ikhokha isibhongo, isayina kwasani, kusho uMcCarthy
UPhathutshedzo Nange
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Kunzima ukuthola ukuthi ngabe ubebhuqa noma ubeyincoma iChiefs uBenni McCarthy ngesikhathi ethi ikhokha isibhongo sokuvinjelwa ukusayina abadlali. UMcCarthy, ongomunye wamanxusa eCarling Cup ezodlalwa yiChiefs ne-Orlando Pirates e-Orlando Stadium ngo-Agasti 1, uthe Amakhosi asayina kwasani.

Leli qembu laseNaturena belingavunyelwe ukusayinisa abadlali abasha ngesizini edlule okwenze ladonsa kanzima yize beliqashe umqeqeshi obethenjiwe uGavin Hunt. Wagcina exoshiwe uHunt kanti sekuqashwe uStuart Baxter.

Ekhuluma nabezindaba, uMcCarthy usole umqeqeshi wePirates, uJosef Zinnbauer ngokushintshashintsha indlela yokudlala leli qembu.

UMcCarthy, ongumqeqeshi waMaZulu FC, uthe iChiefs seyiyabutha nje kule sizini ngathi yingane ingene esitolo sikaswidi. IChiefs isasayinise abadlali abayisikhombisa. Labo ngoNjabulo Ngcobo, Sibusiso Mabiliso, Sifiso Hlanti, Kgaogelo Sekgota, Brandon Petersen, Austin Dube noPhathutshedzo Nange.

“IChiefs iphume inqina enkulu ayibhedile kule sizini entsha. Ithenga wonke umdlali okhona emakethe,” kusho uMcCarthy ngoLwesithathu.

FUNDA NALA: UMcCarthy uhlaba uZinnbauer ngokuhlawumbisela kwiPirates

“Bafuna ukukhokha isibhongo ngokubhacaza namabhadi abebenawo ngesizini edluel. Bebevinjwe yisigwebo sokungasayini abadlali. Balande uGavin Hunt, kodwa kwavele kwabheda kakhulu kunakuqala. Kodwa bazamile ekugcineni ukulungisa izinto.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.