IChiefs ilahle amathuba idlala ngokulingana neStellenbosch

Sihle Ndlovu

Stellenbosch FC (0) 0

Kaizer Chiefs (0) 0

Ilahle inqwaba yamathuba iKaizer Chiefs ngesikhathi ibanjwa yiStellenbosch FC ngo 0-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo eDanie Craven Stadium, eKapa.

IChiefs ibidlala kahle impela kodwa ayizange iwasebenzise ngendlela amathuba ewatholile. Umdlali othole amathuba amaningi umgadli uSamir Nurkovic ohlulekile ukubeka ithola enethini.

UNurkovic uyena obengukaputeni ngoMgqibelo. Omunye umdlali owatholile amathuba uNkosingiphile Ngcobo oqokwe njengomdlali wosuku okwesibili kulandelana.

Nokho okucacile ukuthi iStellenbosch ibingafuni ukushayelwa ekhaya njengoba nayo ibikhombisa ukuzimisela, futhi nayo iwatholile amathuba okushaya amagoli ikakhulukazi ngesiwombe sesibili.

“Sibe namathuba amaningi. Besidlalela ekuhambeni futhi besidlala kahle ngezinye izikhathi. Nokho kumele uwasebenzise amathuba owatholayo,” kusho uGavin Hunt oqeqesha iChiefs ngemuva komdlalo.

Umqeqeshi weStellies, uSteven Barker, uthe bekubalulekile ukuthi bangashaywa ngoMgqibelo. Nokho akathandanga ukuthi nabo abawasebenzisanga amathuba abawatholile.
“Sithole amathuba amabili alula ekuqaleni kwesiwombe sokuqala. Bekungaba kuhle ukuthola amaphuzu aphelele kulo mdlalo,” kusho uBarker kafushane.

KwiChiefs kubonakale uReeve Frosler obelimele nongene esiwombeni sesibili. Omunye umdlali obekhona u-Erick Mathoho obengekho emidlalweni emithathu edlule.

Emdlalweni olandelayo iChiefs izobhekana neBaroka FC ngaphambi kokuthi iyodlala umdlalo wabakhaya ne-Orlando Pirates ngempelasonto.

Leave a Reply

Your email address will not be published.