IChiefs ingase ihlobe ngezinkanyezi ejezini layo

UDABA: Intatheli yeMpempe
ISITHOMBE: Twitter 

Ekugcineni isifiso sabalandeli beKaizer Chiefs sokubona inkanyezi ebhejini yaleli qembu singase sifezeke.

Phela Amakhosi yiwona wodwa emaqenjini athathwa ngamakhulu kuleli engenalo lolu phawu lobungwele.

Izimbangi zayo ezinkulu, i-Orlando Pirates yaluthola lolu phawu lwenkanyenzi ngemuva kokuwina iCAF Champions League ngo-1995.

NeMamelodi Sundowns ibe seyithola eyayo inkanyezi ngo-2016 ngemuva kokudla sona belu lesi sicoco seChampions League.

IChiefs ihluleke seyiseduze naso ngesizini edlule njengoba ihlulwe kowamanqamu kwiChampions League.

Nokho sekuvele ukuthi Amakhosi angase avuke nezinkanyezi ezintathu uma isigungu esengamele iPremier Soccer League siwuphasisa umthetho ohlongoziwe.

Ngokubika kweTimesLive, ngokwalo mthetho iqembu eliwine isicoco seligi lizofakelwa inkanyezi ebhejini layo.

Elisiwine amahlandla amahlanu isicoco lizothola izinkanyezi ezimbili bese kuthi eseliwinine amahlandla ayishumi lithole ezintathu.

FUNDA NALA: IRoyal AM ihlawulisiwe ngokupha abadlali imali

Lokhu kuzokwenziwa emaqenjini awine izicoco zeligi kusukela ngonyaka ka-1971.

Lokhu kusho ukuthi iChiefs izothola ezintathu njengoba inezicoco zeligi ezingu-13 kusukela ngalowo nyaka.

NeSundowns izothola ezintathu njengoba seyiyiwine amahlandla ayishumi iligi.

IPirates yona izoba nezimbili kwazise inezicoco zeligi eziyishiyagalolunye kusukela ngo-1971.

Lezi zinkanyezi ngeke zibe ngaphezulu njengezeChampions League kodwa zizoba ngezansi kwebheji.

Amanye amaqembu angase athole inkanyezi AmaZulu FC anesicoco esisodwa seligi neSuperSport United enezine.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *