IChiefs ingase ingene kolunye utaku lweFifa ngolukaSithebe

IChiefs ingase ingene kolunye utaku lweFifa ngolukaSithebe
USiyethemba Sithebe
Intatheli yeMpempe

IKaizer Chiefs ingaphinde izithole seyibhekene nolaka lweFifa uma bugcina buvela ubufakazi bokuthi yephule imithetho ngesikhathi isayinisa uSiyethemba Sithebe.

IChiefs isayinise lo mdlali waMaZulu isivumelwano sokuthi uzoyijoyina uma sekuphele inkontileka yakhe ngoJuni.

Nokho okungase kuyifake enkingeni wukuthi suthu luthole ubufakazi bokuthi yaqala ukukhuluma nalo mdlali engakashayi uJanuwari.

Umengameli waMaZulu, uSandile Zungu, nguye owaveza lezi zinsolo, wathi iChiefs iqale ukuxoxa noSithebe noma abamphethe ngoDisemba.

Impempe seyithole ukuthi kumanje aboSuthu bazama ukuqoqa ubufakazi bokuthi nebala iChiefs iqale singakashayi sikhathi esivumelekile ukuxoxa nalo mdlali.

Uma kuvela ukuthi yenza kanjalo ngempela ingazithola seyiphinde ihlawuliswa kanzima yiFifa njengoba kuke kwenzeka eminyakeni emibili edlule.

“Abaphathi boSuthu abaqedile ngalolu daba. Kumanje basaluphenyisisa ngoba bafuna kwenzeke ubulungiswa.

“Phela uma kuwukuthi iChiefs yakhuluma noSithebe ngoDisemba noma nje ngaphambi kukaJanuwari, kobe kusho ukuthi ibaqolile.

“Yingakho ke nje bengaluyekile lolu daba besalulwa futhi bethi ngeke baluyeke baze beneliseke ukuthi akukho okungahambanga ngendlela,” kusho umthombo.

FUNDA NALA: ISundowns isikhale yemuka nayo indebe yeligi? 

Indlela ukusayiniswa kukaSithebe yiChiefs okususe ngayo umsindo, kwaze kwavela nokuthi ngeke esadlaliswa kuMaZulu kuze kuphele le sizini.

Imenenja kaSithebe yaphumela obala yathi ngamampunge ukuthi iChiefs ikhulume nabo ngoDisemba wathi babezimisele ukuxoxa noSuthu kuqala kodwa kwangavunyelwana.

Kodwa umthombo uthe aboSuthu base bevele bazi ukuthi sekumane kuyenziwa nje ukukhuluma nabo ngoba vele kwase kuqediwe neChiefs.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.