IChiefs ingashaya kwasani ephambi kwayo uma ivunywe izinto: Benni

IChiefs ingashaya kwasani ephambi kwalo uma ivunywe izinto: Benni
UBenni McCarthy
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Yize izinto zingayihambeli kahle iKaizer Chiefs kulezi zinsuku, kodwa umqeqeshi waMaZulu Fc uBenni McCarthy ngeke ayithathe kancane.

Akukhona nje ukuthi umlando uvuna iChiefs uma evakashele Usuthu eThekwini kuphela okwenza uMcCarthy abone ubungozi kuyo.

UMcCarthy uchaze nokuthi kungani iqembu lakhe liyiqale ngebatha le sizini ekubeni kubhekwe lukhulu kangaka kulo. 

Nokho Usuthu selukhombisa ukuvuka muva nje njengoba seluyazi nenethi ingakuphi kanti igcine iwinile ngempelasonto edlule.

“Kusivuselele impela ngoba ngesikhathi sithola uhlu lwemidlalo yethu yesizini, sabona iCape Town City, Mamelodi Sundowns, SuperSport United, Golden Arrows, Baroka, Kaizer Chiefs…

“Sathi siyibona le midlalo sathi ‘ooh, sengathi bafuna ukusheshe basingcwabe nje kulokhu’. Kodwa sibekezelile sayithola imiphumela.

“Nokho kukhona la siphume khona sinokukhala ukuthi asiwatholanga amaphuzu aphelele ekubeni abengatholakala. 

“Amaqembu esiqale ngawo yilawo azohlale eseduze kwethu kule sizini, amaqembu azobe elokhu ephezulu.

“Uma engakuhlulanga uzibeka ethubeni elihle kanti uma uwinile kuwo izinto zihamba kahle kakhulu,” kuchaza uMcCarthy.

“Uwina umdlalo owodwa bese usuka kunombolo 13 uye endaweni yesikhombisa – ugxuma ibanga elide impela.

“Lokhu kukhombisa ukubaluleka kwamaphuzu amathathu futhi njengoba sesike sawathola nje sesifuna ukubamba lowo mgqigqo. 

“Sesiyangena egiyeni kodwa sizobhekana neqembu elisabisayo futhi elinabadlali ababukhali kakhulu.

“Uma izinti zilivuna, lingashaya kanzima noma yiliphi iqembu eliphambi kwalo,” kusho lo mqeqeshi ongenasifuba.

“Kuleli banga iligi esikulo, yonke imidlalo mkhulu. WOnke amaqembu asesendaweni la ekhombisa khona ukuthi ahlome kanjani.

FUNDA NALA: UDe Reuck uveza imfihlo eyenza iSundowns izichachazele nje

“Uma uzilungiselela, ulungiselela umdlalo omkhulu. IChiefs ngokwendalo iyiqembu elikhulu kuleli kodwa isizlungiselela ngendlela esihlezi senza ngayo.

“Uma sizilungiselela umdlalo siyazama ukugxila kwesikwazi ukukwenza nendlela yethu yokudlala.

“Silungisa la sibuthaka khona ukuze sibuyele ezingeni esifuna ukuba kulo ukuze sikwazi ukulawula imidlalo.

“Yilokho esigxila kukho. Kodwasiyazibheka nezimbangi zethu ukuthi zime kanjani yize singazikhathazi kakhulu ngazo ngoba asifuni ukugcina sesizinika amandla phezu kwethu.

“Asfuni ukugcina sesenza izinto ngendlela efunwa yizo, yingakho senza izintgo ngendlela yethu nje.

“Angiqondile ukweyisa kodwa uma kuza kithi, uma senza izinto ngendlela yethu imbangi siyithwalisa kanzima.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.