IChiefs ingashaya noma yiliphi iqembu – Kambole

ULazarous Kambole weKaizer Chiefs

SIHLE NDLOVU

IKaizer Chiefs ibukeka ibuyelwa ukuzethemba kulandela ukuwina imidlalo emikhulu ebalulekile njengoba izinto zingayihambeli kahle kule sizini ka-2020/2021.

Amakhosi akungabazeki ukuthi anakho ukuzethemba ngemuva kokushaya i-Orlando Pirates ngo 1-0, koweDStv Premiership, neWydad Athletic Club, ngawo u 1-0 koweCAF Champions League. Yomibili le midlalo ibibalulekile kuleli qembu laseNaturena ukuthi lizame ukubuyisa isithunzi ngenxa yendlela izinto ezihambe ngayo kule sizini.

Ngemuva kokudlala neWydad ngempelasonto iChiefs izobuyela emidlalweni yeligi lapho izobhekana neStellenbosch FC, eFNB Stadium, ngoLwesibili ngo-6 ntambama. ULazarous Kambole weChiefs ukholwa wukuthi kubasize kakhulu ukuwina le midlalo emikhulu emibili abayidlalile.

“Umdlalo wethu neWydad ubunzima ngoba bese sidlala sishoda, okuyinto eshintshe uhlelo lwethu ngoba bese kumele sidlale ngenye indlela. Nokho into ebalulekile ukuthi siwinile, kube wukuzikhandla okukhulu eqenjini,” kusho uKambole.

Ugcizelele ukuthi kubasize kakhulu ukudlala imidlalo emibili abebeyithatha njengenzima kodwa bagcina bewinile.

“Sidlale imidlalo enzima sayiwina yomibili. Emidlalweni engaphambi kwalokho besingawini, ngakho lokhu kuligqugquzela kakhulu iqembu. Siwubheke ngabomvu umdlalo wethu olandelayo,” kuchaza uKambole.

IStellies akulona neze iqembu okulula ukudlala nalo kungakhathalekile ukuthi lidlalela ekhaya noma ekuhambeni. Naye uKambole uyakwazi lokho.

“Kuzoba umdlalo ohluke kakhulu kodwa sizolwenza ucwaningo lwethu njengeKaizer Chiefs. Ngeke kube umdlalo olula kodwa kumele sizimisele senze isiqiniseko ukuthi sithola amaphuzu aphelele.

“Uma ngibheka indlela iqembu eliyiyona ngicabanga ukuthi singashaya noma yiliphi iqembu. Ngenxa yokuthi sizobe sidlalela ekhaya neStellebosch ngicabanga ukuthi sinethuba elihle lokuwina. Bayiqembu elihle ikakhulukazi uma bedlala neChiefs bayalikhuphula izinga. Kukithina ukuthi sibathatha kanjani ngoba bazokwenza konke ukuthi bawine,” kuphetha uKambole.

IChiefs isendaweni yesishiyagalolunye kwi-log yeDStv Premiership. Ukuwina ngoLwesibili kungayifaka kwiTop 8.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.