IChiefs ingazisebenzisa izinkinga zeGallants ukuwina oweligi?

Sihle Ndlovu

Indlela enezinkinga eziningi ngayo iMarumo Gallants bekufanele ukuthi iKaizer Chiefs ifike izihambele kalula kuyona, isebenzise kona ukuthi iyanyinyitheka izinkinga zangaphakathi.

Amakhosi azovakashela iGallants emdlalweni weDStv Premiership eRoyal Bafokeng Stadium, eRustenburg, ngeSonto ngo-3 ntambama. Lo mdlalo kuke kwaba nomdonsiswano ngawo njengoba umasipala wasePolokwane ubufuna udlalelwe ePeter Mokaba Stadium. Nokho inkantolo ivune iGallants yingakho usazoqhubeka eRustenburg.

Yize ixazululekile inkinga phakathi kukamasipala wasePolokwane neGallants kodwa akwaziwa ukuthi ubudlelwano sebuzoba njani ukuya phambili phakathi kwabo. Enye inkinga ekhona kwiGallants eyomqeqeshi uRomain Folz okungaqondakali noma usekhona yini eqenjini.

Lo mqeqeshi udube umdlalo wezakhe noSwallows FC ngempelasonto edlule, ngoba engavumelani nabaphathi beqembu ngokushintsha isikimu ayesibophele, ngokusho kwakhe. Ukwenqaba kwakhe ukushintsha isikimu kuholele ekutheni enziwe iphini lomqeqeshi nokuyinto egcine ngokuthi angayi nhlobo emdlalweni.

Uchazile ukuthi “lokhu abebefuna ukungenzisa kona akukho enkontilekeni yami ngakho bengingeke ngikuvume.” Kuthe kusabhekwe ukuthi uyahamba noma uyahlala yini umqeqeshi, waqhamuka uHarris Choeu oyiTechnical Director yeqembu, waveza izindaba ezinkulu ebezingaziwa.

Le nkakha iveze ukuthi ayizwani noFolz ngoba wala ukusebenzisana nayo ngesikhathi efika, futhi yona ibingasahambi neqembu, isiyisibukeli nje. UChoeu uthe uFolz wakucacisa ukuthi akafuni ukusebenzisana naye watshela abaphathi ukuthi akafuni asondele eduze kwakhe.

IGallants ikhiphe isitatimende iphikisana nokushiwo uChoeu futhi yakucacisa ukuthi yona ayihlangene nakho. Beyithembise ukuthi izoba nesithangami nabezindaba ngasekupheleni kwesonto elidlule, lapho ibizocacisa ngodaba lomqeqeshi, nokuyinto egcine ingenzekanga.

Maningi amathuba okuthi iphazanyiswe yicala ebelikhona phakathi kwayo nomasipala waseLimpopo mayelana nokuthi umdlalo uzodlalelwa kuphi. Kukho konke lokhu kungalindeleka ukuthi iChiefs ifice izinto zingahlangene kwiGallants okungayinika ithuba lokuyifaka induku kalula.

editor@impempe.com  

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *