IChiefs inyuse intengo yamathikithi ilungisela ukubuya kwabalandeli

IChiefs inyuse intengo yamathikithi ilungisela ukubuya kwabalandeli
OkaDonga Gumbi

IKaizer Chiefs seyiveze ukuthi yenyukile intengo yamathikithi okuyibuka bukhoma eFNB Stadium, njengoba ilungiselela ukwamukela abalandeli okokuqala ngemuva kweminyaka emibili.

Ngokombiko iChiefs ewushicilele kwi-website yayo, intengo yamathikithi isizoqala ku-R70 lilinye bese enyuka kuya ngokwezigaba zenkundla.

Phambilini amathikithi okubuka iChiefs eFNB Stadium abeqala ku-R40 aze agcine ku-R80 ngokuhlukana kwezigaba zawo.

Ithi lokhu kuphoqwe wukwenyuka kwezindleko zokulungiselela umdlalo wasekhaya, njengoba kusenemigomo nemibandela eqinile okumele ilandelwe ngesikhathi seCovid-19.  

“Siyafisa ukukugcizelela ukuthi imigomo kahulumeni yiyo ephoqe ukuthi kube nezindleko ezengeziwe, futhi yize siyenyusile imali, akukho nzuzo esizoyenza ngale midlalo,” 

“Nokho sikujabulele ukusebenzisana neqembu elingosokhaya ukuqinisekisa ukuphepha nokuthi imigomo iyalandelwa yonke,” kusho isikhulu senkampani ephethe iFNB Stadium uBertie Grobler. 

Ophethe uphiko lwezamabhizinisi kwiChiefs uJessica Motaung, uthe benza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi ukubuya kwabalandeli akunazithiyo. 

FUNDA NALA: U-Erasmus uyabazi ubungozi beGolden Arrows abazogadulisana nayo

Amakhosi azobukwa ngabalandeli okokuqala eFNB Stadium ngoMgqibelo, uma esebhekene neSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership.  

“Ngokubambisana nozakwethu bakwaSMSA (Stadium Management South Africa), sisebenze ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi akunamathizethize avelayo uma sekufika abalandeli ngosuku lomdlalo. 

“Siyazi ukuthi inkundla esiyisebenzisayo inkulu futhi lokho kunezinseleo zakho nje kukodwa, ikakhulukazi manje njengoba sekunokuningi okumele kwengezwe.

“Sesikwenze konke ohlangothini lwethu, sesinxusa abalandeli ukuthi balandele imigomo ebekiwe ukuqinisekisa ukuphepha kwabo,”  kusho uJessica.

Amathikithi emidlalo yasekhaya yeChiefs adayisa eTicket Master kanti akhona naseComputickets, eShoprite naseCheckers.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *