IChiefs ‘ipake isitimela’ futhi kusayihambela kahle ngemuva kwesiwombe sokuqala

IChiefs ‘ipake isitimela’ futhi kusayihambela kahle ngemuva kwesiwombe sokuqala
USamir Nurkovic
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IKaizer Chiefs iye ekhefini ihamba phambili emdlalweni womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiCAF Champions League la ibhekene khona neWydad Athletic eMorocco.

IChiefs iqale umdlalo ikhombisa ukuthi kukho konke okuzeokwenzeka kulo mdlalo, engakudingi ukuhlulwa. Iqale umdlalo ingapakile ngisho ibhasi, kodwa idlule ePark Station eGoli yaboleka isitimela ngaphambi kokulibangisa eMorocco, yafike yapaka sona.

Liyisebenzele leli cebo ngasekuqaleni komdlalo njengoba ikwazile ukuvimba lezi zimbangi zayo ukuthi zingakwazi ukudlala ngokukhululeka. Nokho ngokuhamba komdlalo ziqalile zakwazi ukuthola izintuba zokusondela emapalini kaBruce Bvuma.

Kodwa zifice lo nozinti engezwile, efuna ukukhombisa ukuthi kungani kwethenjwe yean ngaphezu kuka-Itumeleng Khune noDaniel Akpeyi.

Buka nje ngomzuzu ka-29 uvimbe elibi ibhola, obekungekho noyedwa obengamsola ukuba limdlile. Umgadli weWydad ugxume wazidlula izitobha zeChiefs, walingqofa kahle ibhola, kodwa uBvuma walifica, walixhimfela phezu kwepali.

Iqalile ke iWydad lo mkhuba wayo wokuzama ukuthenga onompempe, abadlali bayo sebevele begxumise okomziki uma beke bathinteka. Kodwa bakhohlwe ukuthi kulokhu kukhona iVAR.

Kuthe kusenjalo, iChiefs yawugila umkhuba abebengawulindele. Ihlasele ngokuzuma, ibhola ebeligotshwe ngakwesokudla lahlangana noSamir Nurkovic, walinamathisela enethini.

Umsizi kanompempe uliphikile, kodwa abeVAR bamphikisa balikhomba emlotheni yahamba phambili iChiefs. UBvuma uphinde wavimba amanye amabhola anzima ngasekupheleni kwesiwombe. Kuyiwe ekhefini iChiefs ihamba phambili.

Siyeza nombiko ophelele ekupheleni komdlalo.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.