IChiefs iphendula amahlebezi okuthi iPSL iyasinuka isinqumo sikamahluleli

IChiefs iphendula amahlebezi okuthi iPSL iyasinuka isinqumo sikamahluleli
OkaDonga Gumbi

IKaizer Chiefs seyiveze ukuthi isithole ukuthi iPremier Soccer League (PSL) ihlela ukusidlulisela phambili siyobuyekezwa, isinqumo sikamehluleli odabeni lwayo lwemidlalo engayidlalanga ngoDisemba.

Isinqumo sikamahluleli, u-Advocate Nazeer Cassim, sivune iChiefs njengoba ethe kwakufanele ingaqhubeki nemidlalo ukuvikela abanye kwiCovid-19 eyayiyihlasele eNaturena ngaleso sikhathi. 

Lesi sinqumo sephume ngoLwesihlanu, kwathi ngoMgqibelo iChiefs yakhipha isitatimende ibonga ukwenzeka kobulungiswa kulolu daba. 

Kodwa sekuthe ngoLwesithathu ebusuku yakhipha esinye, ithembisa ukuthi lolu daba selungamane lugcine lufike ezinkantolo eziphezulu uma iPSL ingasamukeli isinqumo. 

Ithe lokhu ikuzwe ngamahlebezi ukuthi isigungu esiphezulu sePSL, usihlalo wayo iChiefs, uKaizer Motaung ayingxenye yaso, sinqume ukusidlulisa isinqumo sikamehluleli. 

Phambilini, iPSL yayithe, ngomlomo kaZola Majavu ongumshushisi wayo, isinqumo sizoba ngujuqu kanti yona iyothatha izinyathelo kuphela uma sivune yona. 

Eyayizokwenza ngemuva kwalokho wukuhlawulisa iChiefs ngalokhu kwehluleka kwayo ukudlala imidlalo. 

Sifundeka kanje lesi sitatimende seChiefs: “IKaizer Chiefs yethukile ngezindaba esanda kuzithola.

“Yize kungakabi khona ukuxhumana okusemthethweni okuvela kwiPSL, okuyinto ebesingalindela ukuthi yenzeke, iqembu selithole ukuthi isigungu esiphezulu sePSL sizosidlulisela phambili isinqumo sikamahluleli u-Adv. Nazeer Cassim SC, esaphuma ngoLwesihlanu ngoMashi 18 ku-2022. 

“Isinqumo saveza kahle ukuthi ukuphazamiseka kwemidlalo yeqembu ngoDisemba, kwakuyinto yesikhashana eyayidalwe ukuqubuka kwe-Omicron (uhlobo lweCovid obeludlange ngaleso sikhathi).

FUNDA NALA: ISafa eThekwini ithi iyoze iwele iJolidani ibambelele kuJordaan

“Yize lesi sinqumo siwubulungiswa, kubukeka sengathi iPSL ayenelisekile futhi ifuna ukusidlulisela phambili siyobuyekezwa eNkantolo ePhakeme.

“Lesi sinyathelo siyishwa futhi silithusile iqembu njengoba besingalindelekile ngoba siphikisana noMthethosisekelo wayo iPSL uqobo, nemithetho yeSafa okungahambisani nokusonjululwa kwemibango yebhola ezinkantolo. 

“Iqembu akukho okunye elingakwenza ngaphandle kokuzivikela kulokhu, nokuqinisekisa ukuthi isinqumo sikamehluleli siyama, ngoba siqinisile ekutheni iqembu lalizobe lenza ubunuku uma libeka amanye engcupheni ngokuqhubeka nemidlalo. 

“Njengoba udaba selubheke enkantolo selubucayi, ngakho iqembu ngeke lisakhuluma ngalo.

“Sethemba ukuthi abathanda ibhola bazoleseka iqembu futhi balihloniphe ngendlela elizobhekana ngayo nalolu daba.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.