IChiefs iphinde yathithiziswa yiGalaxy ihluleka ukuyishaya

IChiefs iphinde yathithiziswa yiGalaxy ihluleka ukuyishaya
OkaDonga Gumbi

Mhlawumbe ukubona igama leTS Galaxy sekuyabathithibalisa abadlali beKaizer Chiefs abahlulekayo wukuligoba inkani leli qembu laseMpumalanga.

Lamaqembu adlale ngokulingana ebambana ngo 1-1 emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium ngoLwesibili kusihlwa.  

Womabili lamaqembu abewadinga amaphuzu aphelele ngezizathu ezehlukene; iChiefs ibiwadingela ukusondela kwiMamelodi Sundowns, kanti iGalaxy beyiwadingela ukuqhela ezembeni.

Ukuwina bekuzokwenza iChiefs yeqe iRoyal AM iye endaweni yesibili futhi yehlise negebe kube ngelamaphuzu ayishumi kuphela.

Nokho ukuthola elilodwa kwenza iSundowns ingaphazamiseko nakancane njengoba isenegebe lamaphuz angu-11 eshiya ngawo amanye awalandelayo.

KwiGalaxy leli phuzu belizoyisiza ithi ukuqhela ezindaweni zezembe. Kodwa isasendaweni ka-14, nengase ihlehlele kweka-15 uma iSwallows ingenza izimanga ishaye iSundowns ngoLwesithathu.  

Kuvele kwacaca zisuka amadaka ukuthi ayizwene kulamaqembu njengoba abefikelana impela wona.

Nokho iChiefs beyisuke itatazele kakhulu uma iphethe ibhola ivele ilithumele phambili kuSamir Nurkovic obezithola eyedwa, bese elibuyisela kuKeagan Dolly naye obevele alibhamuze ezama ukubhekisa epalini.

Emizuzwini yokuqala engu-15 uDolly uzame kabili ukukhahlela kodwa amabhola akhe angayi kwakuya ngasepalini likaMelusi Buthelezi.

IRockets yona beyilincenga isondela ngasebhokisini leChiefs kodwa ingakwazi ukudlula odongeni lwasemuva.

Empeleni nje ibhola layo lokuqala elibheke epalini likaBrandon Petersen lize laqhamuka ngomzuzu ka-22 u-Augustine Kwem ethi uyadla kodwa laphuma eceleni ibhola lakhe.

Emizuzwini embalwa ukusuka lapho, uDolly uthole inhlanhla kodwa wadlala ngayo. UPogiso Sanoka ubethi uphasela unozinti wangakubo kodwa wahluleka.

Ibhola livele lawela phambi kukaDolly, kodwa naye uthe uyalibamba lamphunyuka kwasho ukuthi noButhelezi ubesevele ephumile, washeshe wafika kulo.

Ukusuka lapho iGalaxy igijime yabheka epalini leChiefs la uLifa Hlongwane azithole esesele noThabani Dube, lesi sitobha sawenza kahle umsebenzi simephuca ibhola.  

FUNDA NALA: IChippa iyidedele seyiyibambe kwamancane iSuperSport

UPetersen uze wavimba ibhola lokuqala ngomzuzu ka-31 echitha ebelithunyelwe u-Orebotse Mongae. 

NoButhelezi uze wagcina esebenzile sekusele kancane kuyiwe ekhefini evimba ibhola likaDolly. 

Ebona kungenzeki mehluko esiwombeni sesibili, uStuart Baxter wenze izinguquko wafaka abafana abasebancane, abanomdlandla futhi abahlaselayo oNkosingiphile Ngcobo noSabelo Radebe.

Lezi zinguquko ziwenzile umehluko futhi yaqala iChiefs yangena iphindelela ngamabhola amahle ebhokisini leGalaxy.

IRockets izokhala ngonompempe ozibe izikhalela ifuna iphenathi kulandela ukuwiswa kukaLindokuhle Mbatha nguRamahlwe Mphahlele engaphakathi ebhokisini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.