IChiefs iqagele umdlali weTS Galaxy kodwa igodola nemali

IChiefs iqagele umdlali weTS Galaxy kodwa igodola nemali
UGiven Msimanga weTS Galaxy ofunwa yiKaizer Chiefs
OkaDonga Gumbi

IKaizer Chiefs ifuna ngabomvu umdlali wasemuva weTS Galaxy futhi naleli qembu alinankinga nokumdedela uma nje kuzokhokhelwana imali efanele.

Ngokuthola kweMpempe ngomthombo osondelene nalo mdlali, usetsheliwe vele ukuthi uyafuneka eNaturena kodwa kusalindwe ukuba kuvunyelwane ngezimali.

“IChiefs imfuna la lo mdali weTS Galaxy uGiven Msimanga kodwa manje imali efunwa yiGalaxy ithanda ukuyesinda kancane,” kusho lo mthombo.

“IGalaxy izivikela ngokuthi lo mfana usemncane njengoba ena-14 nje futhi usazodlala isikhathi eside ngakho ngeke ivele iphisane ngaye nje ekubeni izikhuliselile yena.

“Ungomunye wezitobha eziphambili kuleli kanti ne-Orlando Pirates yake yazidlisa satshanyana ngaye leli qembu kuseyiHighlands Park.

“Ukuthi namanje akalehlisile izinga futhi usaheha iso lamaqembu amakhulu kusho khona ukuthi ungumdlali omuhle kakhulu.

“Into enhle ngaye ukuthi ungumfana okhuliswe kahle. Uphuma ekhaya elinesizotha la inhlonipho ibekwa phambili futhi nje engangena khaxa kwiChiefs ngoba uwuhlobo lo mdlali emdingayo.”

FUNDA NALA: Nangu ozoqeqesha iMaritzburg ngesizini ezayo

Kuthiwa iChiefs ike yazama ukuthi ikhohlise iGalaxy ngokuthi izoyinikeza u-Erick Mathoho nemali ngaphezulu ukuze ithole lo mdlali kodwa sanqatshwa leso sicelo.

“Angithi bavele bafuna ukuvala isikhala sikaMathoho ngaye manje kungani sebefuna ukumlahlela la kithi,” kusho umthombo okwiGalaxy ongathandanga kudalulwe igama lawo.

“Iqembu alinankinga, ngeke limvimbe umfana uma kuvela ithuba lokukhula ebholeni lakhe. Umengameli weqembu (uTim Sukazi) ungumuntu othandayo ukubona abafana bekhula ebholeni.

“Inkinga nje wukuthi kumele ahambe ngemali efanele nezosenelisa nathi singasali sikhala ukuthi siphisane ngaye ngoba asilingabazi ithalente lakhe.”

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.