IChiefs iqede ukhondolo olubi ishaya iZinyoni

 

IKaizer Chiefs iwine umdlalo wesibili kulandelana ngemuva kokushaya iSwallows FC ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership eDobsonville Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.

Amakhosi abelokhu ebanda abuye ashise selokhu kuqale imidlalo yeligi. Nokho ngoLwesithathu azamile eshaya amagoli amabili ngesiwombe sokuqala.

Igoli lokuqala lize nomgadli omusha waseBurundi uCaleb Bimenyimana ngomzuzu ka-35, kwathi elesibili kwaba yi-free kick kaKeagan Dolly ngomzuzu ka-45.

UWaseem Isaacs ushaye igoli leSwallows ngomzuzu ka-68 kwaba ngu 2-1. Ngaleso sikhathi iChiefs bese itatazela yenza amaphutha emuva.

UCaleb ugeje inqwaba yamagoli kwaze kwangena uCole Alexander endaweni yakhe ngomzuzu ka-80. Ngaleso sikhathi bese izama ukubuyela emdlalweni iChiefs kodwa kucaca ukuthi ayisayi kakhulu phambili.

Ngokuwina kulo mdlalo iChiefs isuke endaweni yeshumi yayohlala endaweni yesihlanu. Emdlalweni olandelayo izobhekana neStellenbosch FC eCape Town Stadium ngempelasonto. Ibiqala ngqa ukuwina ekuhambeni kule sizini.

Sdina Ngubo 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *