IChiefs iqinise iqembu ngomunye umdlali

U-Edmilson Dove osayine kwiChiefs
Sihle Ndlovu

IKaizer Chiefs seyiphinde yaqinisa isikwati sayo ngokusayinisa u-Edmilson Gabriel Dove obengumdlali weCape Town City, njengoba ebejima neqembu laseNaturena ehlolwa emasontweni edlule.

Lesi sitobha sisayine inkontileka yeminyaka emibili kanti singakwazi ukuyivuselela ngomunye unyaka uma sifisa. IChiefs beyinokuntengantenga kakhulu emuva ngesizini edlule kusadlala abadlali abafana noDaniel Cardoso, u-Eric Mathoho noRamahlwe Mphahlele.

Amakhosi ahlukene noCardoso, osekwiSekhukhune United, benoMphahlele,osekuMaZulu FC, kanti uMathoho usekhona kodwa akubonakali ezoke alinuke ijezi. Leli qembu laseNaturena lishaya ngezitobha ezintsha okukhona kuzona uDillian Solomons noZitha Kwinika, kanti kusekhona uReeve Frostler (odlala noma yikuphi), uSiyabonga Ngezana, uNjabulo Ngcobo, uNjabulo Blom noSibusiso Mabiliso.

UDove iselazi kahle ibhola laseNingizimu Afrika njengoba efike kuleli ngo-2017 ezodlalela iCitizens. Akungabazeki ukuthi uma eke wasithola isikimu kukhona azobahlalisa ngaphandle ngenxa yamava akhe.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.