IChiefs isengayikhuthuza isicoco seligi iSundowns, kusho uBaxter

IChiefs isangayikhuthuza isicoco seligi iSundows, kusho uBaxter
OkaDonga Gumbi

Njengoba iMamelodi Sundowns ingekho kuleli iyolwa empini yeCaf Champions League nje kule mpelasonto, iKaizer Chiefs inethuba lokunciphisa igebe esalele ngalo kwilogi yeDStv Premiership.

Kodwa noma iChiefs ingawina ngoMgqibelo uma seyibhekene neLamontville Golden Arrows bese ithola amaphuzu amathathu, igebe eliphakathi kwayo neSundowns lizobe liselikhulu.

Njengamanaje angu-16 amaphuzu ahlukanise la maqembu njengoba iSundowns iphezulu ngamaphuzu angu-51, bese iChiefs ibe sendaweni yesithathu ngangu-35.

Kodwa iChiefs isilele ngemidlalo emine njengoba isadlale engu-19 ekubeni iSundowns isingu-23, nokho emibili kule yeChiefs yile eyagoloza ukuyidlala ngoDisemba.

Udaba lwayo lusezandleni zikamehluleli weSafa okulindeleke akhiphe isinqumo ngalo ngoLwesithathu ntambama.

Yize abanye sebeyivumile iSundowns bathi seyikhale yemuka naso isicoco seligi, uStuart Baxter yena uthi basangayikhuthuza nje babuye naso eNaturena. 

“Kumele siyihlale ezithendeni iSundowns, siyifakele ingcindezi,”  washo kanje uBaxter ngemuva kwedabhi yaseSoweto.

FUNDA NALA: IPirates izofuna ukuvuka ngeSuperSport kweyeligi

“Uma sikwazi ukushaya i-Orlando Pirates njengoba senzile nje, bese sinikwa le midlalo emibili ukuthi siyidlale singathola kuyo amaphuzu ayisithupha.

“Futhi sisazodlala nayo iSundowns. Uma singayihlula kulowo mdlalo bese siyihlala ezithendeni kungenzeka balahle amaphuzu lapha nalaphaya.

“Balwa izimpi eziningi, kodwa bayazi ukuthi lesi sicoco sesingadedelwa yibo nje. Ngabe ngiyisiphukuphuku uma ngingathi sizoyiwina iligi.

“Engikushoyo wukuthi sizoyihubha nje kuze kube kufika isikhathi sokuthi sidlale nayo ukuze lowo mdlalo ube nesigqi,” kusho uBaxter.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.