IChiefs ishaye abalandeli ngethembisa ngabadlali abasha

IChiefs ishaye abalandeli ngethembisa ngabadlali abasha
USabelo Radebe
OkaDonga Gumbi

UMsombuluko bekuwusuku lokugcina lokusayinwa kwabadlali kwiPSL kanti belulindwe ngabomvu ngabalandeli, ikakhulukazi abeKaizer Chiefs.

Bekusabalele imibiko ethi Amakhosi azama okusemandleni ekunxenxeni AmaZulu ukuthi adedele uSiyethemba Sithebe.

Angithi phela lo mdlali usevele usayine inkontileka yesivumelwano sokuthi uzojoyina leli qembu laseNaturena uma ukuphela le anayo oSuthwini njengamanje.

Usuku lonke abalandeli bebelindele ukuzwa ukuthi uyatholakala yini lo mdlali ongomunye wabasefomini enhle kule sizini.

Kuthe uma lithambama ilanga, Amakhosi enza lento abalandeli abebeyifisa futhi beyibheke ngabomvu usuku lonke, yabahla ezinkundleni zokuxhuman ukuthi inezindaba ezintsha ezithinta abadlali.

Kukhuphuke amathemba ukuthi sebezomemezela ukuthi bamtholile uSithebe noma uSipho Mbule ongomunye wabadlali abafiswa abalandeli.

FUNDA NALA: USerero useveze isifiso sokudalal nelikaMosimane kwiClub World Cup

Nokho beyimemezela nje ukuthi seyilule izinkontileka zabafana bayo abancane abangalinikwa nokho ithuba lokudlala kule sizini njengoba kuphethe uStuart Baxter nje.

IChiefs ivuselele izinkontileka zoNkosingiphile Ngcobo, Happy Mashiane, Bruce Bvuma, Reeve Frosler, Sabelo Radebe, Keletso Sifama and Thabo Mokoena. 

“Sijabule ngokuthi sikwazile ukwelula izinkontileka zalaba badlali abayisikhombisa,” usho kanje uKaizer Motaung Jr ongumqondisi kuleli qembu.  

UMotaung Jr uphinde waveza ukuthi basazobuye bamemezele ngokuzokwenzeka ngezinkontileka zabanye abadlali asebekhulile eziphelayo ezabo uma kuphethwa le sizini. 

“Kunabadlali asebekhulile okudingeka sibheke kahle izinkontileka zabo kanti siphezu kwalo lolo daba. Sizomemezela uma sesikuqondise konek,” kusho yena.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.