IChiefs ishaye ezikaJacob Zuma imemezela izinguquko kwesikabhadakazi

IChiefs ishaye ezikaJacob Zuma imemezela izinguquko kwesikabhadakazi
Isikhulu seKaizer Chiefs uKaizer Motaung Junior nomunye wabadlali omusha uKamohelo Mahlatsi
Sbongs Gumbi

IKaizer Chiefs ishaye isitayela esasijwayelwe ngesikhathi uJacob Zuma esengumengameli wezwe ngesikhathi imemezela izinguquko eqenjini ebusuku ngoMsombuluko.

UZuma wayejwayele ukuvusa abantu belele abatshele ukuthi sebephelelwe ngumsebenzi kwikhabhinethi yakhe kungazelele muntu.

NeChiefs yenze esifanayo ngoMsombuluko yethula abadlali bayo abasha ebusuku abantu sebecabanga ukuyogoba amadlangala.

Nokho kungenzeka ke ukuthi iChiefs beyazi ukuthi abalandeli bayo kuse besabawela ukuzwa ezintsha eqenjini kwazise bekukuningi ukuqagela. 

IChiefs ivele yaqinisekisa ukuthi izobe igadla ngoZitha Khwinika, Siyethemba Sithebe, Mduduzi Shabalala, Lehlogonolo Matlou, Kamohelo Mahlatsi, Ashely Du Prees noDillon Solomons ngesizini ezayo. 

FUNDA NALA: IPirates yethule abadlali abasha nabahambayo, yangathi vu ngoNcikazi

Kodwa Impempe isingakuveza ukuthi into ephoqe leli qembu ukuthi livuse abantu belele wukuthi iqembu libuyela eNaturena ngoLwesibili ukuzoqala izinhlelo zokulungiselela isizini entsha.

Nokho kusengenzeka kube khona abanye abadlali abazofika noma iqembu seliqalile ukuzicija okubalwa kubo uYosuf Maart, weSekhukhune United, noBongani Zungu obekwiBafana Bafana phambilini.

Ukwethula kweChiefs abadlali abasha kulandele okwenziwe yizimbangi zayo ezindala i-Orlando Pirates nayo eyethule abane abasha ngawo uMsombuluko.

IPirates yona yethule o-Azola Matrose, Evidence Makgopa, Bienvenu Eva Nga noMiguel Timm njengabadlali bayo abasha. 

Kusekhona nabanye abadlali abaqhamuka ngaphandle kwakuleli okuvela ukuthi iChiefs isalindile ukuzwa ukuthi iyabathola yini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.