IChiefs ishovele iChippa osizini lwezembe iyishayela ekhaya

IChiefs ishovele iChippa osizini lwezembe iyishayela ekhaya
OkaDonga Gumbi

IKaizer Chiefs ikhombisile ukuthi kungani umqeqeshi wayo uStuart Baxter aphoxeka kangaka ngesikhathi ishaywa yiGolden Arrows emdlalweni wayo wokugcina weDStv Premiership.

LOkhu kuvele ngesikhathi ishaya iChippa United ngo 3-1 ekuhambeni, okuyenze yehlisa igebe esele ngalo kwiMamelodi Sundowns laba ngelamaphuzu angu-13.

Ukube yayiwinile kwi-Arrows ngabe leli gebe sekungelamaphuzu ayishumi ekubeni isanemidlalo emibili esele ngayo emuva.

IChiefs ikhombise ukuthi iyaba yingozi uma izinto ziyivuma ngesikhathi iyinqumela ogodweni iChippa, iyidudulela ezembeni.

IChiefs seyinamaphuzu angu-38 ngemuva kwemidlalo engu-21 kanti isendaweni yesithathu kwilogi.

IChippa kwale kancane ihambe phambili ngomzuzu weshumi ngesikhathi u-Eva Nga ephunyuka odongeni lweChiefs kodwa ibhola lakhe lazishayisa epalini selimdlile uBrandon Petersen.

USamir Nurkovic naye uhlulwe uqekelele webhola esebhekene nonozinti uLodyt Kazapua. Lo mgadli uvele watatazela wazama ukulishaye ngesinxele leli bhola, laphuma phezu kwepali.

Ngomzuzu ka-19 uNurkovic uphinde wathola elinye ithuba elihle kodwa nalo lamhlula. Kodwa uthe esethola elesithathu ngomzuzu ka-23 akangabe esacucuza. walinamathisela enethini.

IChippa isinde emlonyeni wengwenya emizuzwini embalwa ukusuka kuleli goli ngesikhathi unompempe eyilamulela sekubhedile.

Unozinti wayo ubambe ibhola walidedele, lawela kuNurkovic obe eselinamathisela enethini. Kodwa unompempe wathi udlaliswe kabi lo nozinti yize eziwele eyedwa. 

IChilli Boys nayo ibe nawo amathuba ambalwa amahle kodwa yadlala ngawo. Kodwa ekuqaleni kwesiwombe sesibili u-Eva Nga usheshe wayibuyisela emdalweni.

Lo mgadli odabuka eCameroon ushaye igoli kusaphele imizuzwana isiwombe siqalile ngemuva kokuphinde adabule odongeni lwasemuva.  

Beyingaphinda elesibili emizuzwini embalwa ngemuva kwalokho kodwa uSizwe Mdlinzo wathatha isikhathi ukukhahlela, waze wagcian emakiwe.

IChiefs iphinde yahamba phambili ngomzuzu ka-75 uKeagan Dolly eshaya elihle igoli kade libekwe phansi esanda kungena.

Leave a Reply

Your email address will not be published.