IChiefs isicele ukuhlehliselwa yonke imidlalo yayo kaDisemba

IChiefs isicele ukuhlehliselwa yonke imidlalo yayo kaDisemba
IKaizer Chiefs Village
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IKaizer Chiefs seyiveze ukuthi seyifake isicelo kwiPSL ukuba imidlalo yayo yonke yenyanga kaDisemba kuqala kowangomGqibelo neCape Town City ihlehliswe.

Lokhu ikuveze ngoLwesihlanu ekuseni esitatimendeni esishicilele kwi-website yayo.

Ithe isizathu salokhu wukukhula kwesibalo sabatholakala behaqwe yigciwane leCovid-19 kuleli qembu.

Kubanadlali, izikhulu nabethimba labaqeqeshi osekutholakale ukuthi bahaqekile ngakho kumele bagonqe.

“Njengoba iKaizer Chiefs beyike yabika ngaphambi komdlalo la beyibhekene khona neSwallows FC, iqembu liyiqinise kakhulu imigomo yokuvikela iCovid-19.

“Imigomo yethu ihlezi iqinile kodwa kudingeke siqaphe kakhulu kulamasonto amabili edlule ngenxa yokukhula kwesibalo sabahaqekile eGauteng nasezweni lonkana.

“Abadlali nezinye izisebenzi kwiKaizer Chiefs bebelokhu beqashwe ngeso lokhozi ukuze kusheshe kubonakale uma benezimpawu zalolu khuvethe futhi bebehlolwa njalo.

“Baningi ke asebetholakale behaqekile kuleli viki njengoba silungiselela umdlalo wangoMgqibelo.

“Kutholakale ukuthi babalelwa ku-31 abahaqekile kuleli qembu okwenze sanquma ukuvala iKaizer Chiefs Village okwesikhashana kuze kube yiviki elizayo.

“Ngenxa yalesi simo, ithimba lodokotela seliqalile ukulandela nalabo abebesondelene nalaba abatholakale behaqekile.

“Selinxuse bonke abadlali nabethimba labaqeqeshi abatholakale bengenalo leli gciwane ukuba nabo bayogonqa kwazise bake basondelana nabahaqekile.

“Iqembu selibhalele kwiPSL licela ukuba imidlalo emine elandelayo yangoDisemba imiswe,” kusho lesi sitatimende.

FUNDA NALA: IPirates ngeke iye emakethe ngoJanuwari, isithembe ukubuya kwezihlabani

Kule midlalo iChiefs ibizobhekana neCape Town City (Disemba 4), Golden Arrows (Disemba 8), Sekhukhune United (Disemba 12) neRoyal AM (Disemba 22).

“Lokhu kuzosiza ukuthi bonke abahaqekile bathole ithuba lokugonqa isikhathi esifanele ngaphambi kokuba sibhekane namanye amaqembu.

“Lokhu sikuthatha njengento ebaluleke kakhulu njengeqembu ngoba sixakwe yiCovid nemigomo okumele siyilandele.”

Uma iPSL isivuma lesi sicelo seChiefs kungenzeka ivele inqume ukuyiyeka yonke imidlalo kuvele kusheshe kuyiwe ekhefini likaKhisimuzi.

Lokhu kuzosho ukuthi amaqembu azothola ikhefu lezinyanga ezimbili njengoba nangoJanuwari kukhona imidlalo ey-Afcon ezomisa eyePSL.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.