IChiefs isigobe uphondo empini yayo nePSL ngemidlalo yangoDisemba

IChiefs isigobe uphondo empini yayo nePSL ngemidlalo yangoDisemba
OkaDonga Gumbi

Cishe ibonile ukuthi sekuyefana noma ingagcina iwinile enkantolo ngeke kusasiza iKaizer Chiefs njengoba ihluliwe kule midlalo ebiyilwela.

IChiefs yabekwa icala yiPSL kulandela ukwehluleka ukuyodlala imidlalo emibili yeDStv Premiership ikhala ngokuthi ikhungethwe yiCovid-19.

Nokho imithetho yePSL yayikucacisa ukuthi ngeke kusetshenziswe lolu khuvethe njengesizathu sokungadlali.

Kuthe kusalindelwe ukuthi iye esigungwini esiqondisa izigwegwe kwiPSL, yabe seyiludlulisela kumehluleli lolu daba.

Kwayihambela kahle njengoba athi yenza kahle ukuthi ingayidlali le midlalo ukuvikela izimpilo zabantu.

IPSL yenza okungajwayelekile njengoba yabe seyilufaka enkantolo leli cala, ithi ifuna isinqumo sikamehluleli siguqulwe.

Kodwa kuthe kusalindwe usuku okuzoyiwa ngalo enkantolo, iPSL yathi ayiqhubeke imidlalo njengokucela kweChiefs.

Amakhosi abhacaza ke, ahlulwa kuyo yomibili le midlalo ibhekene neGolden Arrows neCape Town City.

FUNDA NALA: Bagoloze ukujima abadlali beSwallows abakhala ngokungaholi

Lokhu kwaliqeda umsoco icala ngoba noma ngabe iyaliwina kodwa sekuyafana ngoba amaphuzu asehambe ahambile.

Sekuthe ngoMsombuluko kusihlwa kwavela ukuthi seyibuyele emuva kwiPSL bavumelana ngokuthi lihoxiswe enkantolo lolu daba.

Akukakabi khona lutho ke zombili lezi zinhlangothi ezikushilo ngalolu daba kodwa kulindeleke lube sezithebeni zenkantolo ephakene yaseningizimu yeGauteng ngoLwesibili ekuseni.

Kulapho ijaji kulindeleke likuveze khona ukuthi izinhlangothi zombili sezivumelene ngokuluxazulula ngasese.

IPSL izobe seyibizela iChiefs ekomidini eliqondisa izigwegwe la izoshushisa khona bese ihlawuliswa uma itholwa inecala.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.