IChiefs isingase imthole manje uSiyethemba Sithebe?

IChiefs ingase ingene kolunye utaku lweFifa ngolukaSithebe
USiyethemba Sithebe
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IKaizer Chiefs sekungenzeka igcine imtholile lingakavalwa iwindi lokudayiselana ngabadlali uSiyethemba Sithebe.

IChiefs icasule AmaZulu FC ngesikhathi isayinisa lo mdlali isivumelwano sokuthi uzoza kuyo uma sekuphele inkontileka yakhe naleli qembu laseThekwini.

Okucasule umphathi woSuthu uSandile Zungu yindlela iChiefs ehambise ngayo izinto ngesikhathi ixoxisana nalo mdlali.

Wathi ayizange ilinde kuze kube wuJanuwari la osekuvumeleke khona ukuthi ikhulume naye ngokwemithetho elawula ukudayiselana ngabadlali.

UZungu wasola iChiefs ngokuthi lokhu ikwenze ngoDisemba. Kodwa imemenja kaSiyethemba engumalume wakhe uSifiso Sithebe ukuphikile lokhu.

Uthe iChiefs baqale ukukhuluma nayo futhi bavumelana ngawo uJanuwari, wathi akakwazi lokhu okushiwo uZungu.

Nokho Impempe seyithle ukuthi iChiefs ikhiphe ithimba ukuba liyohlala phansi nelaMaZulu ngempelasonto nokukholakala ukuthi izingxoxo zibe nempumelelo.

“Ngizwe kuthiwa bekukhona noKaizer uqobo lwakhe kulezo zingxoxo kwazise bese kukuningi ukukhuluma okungekuhle nokusongelana kulolu daba oluthinta uSiyethemba,” kusho umthombo.

UZungu ubeseke wakuveza ukuthi ucabanga ukuyomangalela iChiefs kwiFifa ngalesi senzo sayo sokuphula umthetho.

FUNDA NALA: UMatlaba usecele ukukhululwa kwiSwallows

Kuzokhumbuleka ukuthi iChiefs isike yahlawuliswa kanzima yiFifa kulandela ukungalandeli ngendlela imithetho nokungahambisi izinto ngendlela uma ithenga abadlali.

Yagcina imisiwe ekusayineni abadlali isizini yonke kulandela ukulahlwa yicala odabeni luka-Arohasina Andrianirimanana.

“Kungenzeka ke kuvele namuhla (ngoMsombuluko) ukuthi zihambe kanjani izingxoxo, uma kuvunyelwene AmaZulu azomdedela uSithebe aye kwiChiefs,” kusho lo mthombo.

Ekuqaleni bezingaphumelelanga izingxoxo kulandela ukuthi AmaZulu ebanqabile abadlali iChiefs eyayifuna ukuwanxephezela ngabo athi abekho ezingeni elifanele.

Nokho kuthiwa kulokhu okugcina beyisifake abadlali abangconywana yabe seyengeza nangemali ngaphezulu.

Email: editor@impempe.com | Facebook: Impempe SA | Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *