‘IChiefs isivele iqalile ukufaka inkanyezi ejizini,’ kusho uRadebe

'IChiefs isivele iqalile ukufaka inkanyezi ejizini,' kusho uRadebe
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

‘Ngicabanga ukuthi iKaizer Chiefs izowuwina umdlalo. Sekuyisikhathi sethu ukuthi sithole inkanyezi ejezini lethu.’ Lawa ngamazwi kaLucas “Rhoo” Radebe owake waba ngukaputeni weKaizer Chiefs eminyakeni edlule.

Ukhuluma kanjena nje uRadebe iChiefs ibhekene nomqansa ongakhwelwa mbongolo, njengoba izobhekana ne-Al Ahly emdlalweni wamanqamu kwiCAF Champions League, eMorocco, ngoMgqibelo.

Abaningi babona leli qembu laseNaturena selifike ekugcineni ngoba i-Al Ahly inamava amakhulu okudlala kwiChampions League, futhi seyiwine lo mqhudelwano amahlandla ayisishiyagalolunye.

Ikufuna la ukuyiwina okweshumi ukuze ibe yiqembu lokuqala e-Afrika, mhlawumbe nasemhlabeni jikelele ukuba nezinkanyezi eziyishumi ebhejini yalo. URadebe uyavuma ukuthi lona kuzoba umdlalo onzima kakhulu kwiChiefs, kodwa uyibona izozabalaza ize iphumelele.

“Sengizwile ukuthi iChiefs seyithumele amajezi ukuthi afakwe inkanyezi. Akukho ukungabaza ngokuthi bayakufuna lokhu kodwa kuzoba umdlalo onzima kakhulu. UPitso uyayazi iChiefs azodlala nayo ngakho kuzoba nzima kakhulu,” kusho uRadebe kwi-eNCA.

“I-Al Ahly inerekhodi elihle kakhulu kwiChampions League, kanti iChiefs izobe idlala okokuqala kulo mqhudelwano ngemuva kwesikhathi eside izama. Nakanjani bazofuna ukuwina futhi ngicabanga ukuthi iChiefs izokwenza lokho,” kuphetha uRadebe.

FUNDA NALA: Bangele isitolo sikaLegwathi abebebhikisa bazicekela phansi

I-Al Ahly iyona evikela indebe yeChampions League eyiwine ngonyaka odlule sekufike uMosimane. Ngasohlangothini lwalo mqeqeshi we-Al Ahly (uMosimane), uzobe ezama ukuwina iChampions League ihlandla lesithathu. Uhambe kuleli eseke wayiwina neMamelodi Sundowns, wase efika e-Egypt wayina ne-Al Ahly.

KwiChiefs kuzobe kuhleli u-Arthur Zwane noDillon Sherpard ebhentshini kodwa akungabazeki ukuthi uStuart Baxter uzosebenzisana nalaba baqeqeshi ukuze baqhamuke neqhinga lokushaya izinkunzi zase-Egypt.

Uma iChiefs igcina iwinile izobe isifana neMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates asebeke basiphakamisa lesi sicoco phambilini.

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.