IChiefs ithi ayiqhubeki nomdlalo yize iPSL ingakasho lutho

IChiefs ithi ayiqhubeki nomdlalo yize iPSL ingakasho lutho
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IKaizer Chiefs isimemezele ukuthi ayiqhubeki nomdlalo wayo weDStv Premiership obekuhlelwe ukuthi ibhekane kuwo neCape Town City ngoMgqibelo.

IChiefs ikuveze lokhu ngoLwesihlanu kusihlwa. Ekuseni ngalo lolu suku beyimemezele ukuthi seyifake isicelo kwiPSL ukuthi imidlalo yayo ihlehliswe.

Ithe kutholakale ukuthi kunabantu abangu-31 abasebenza kwiChiefs abahaqeke ngeCovid-19 ngakho yelulekwe ukuba ivale amahhovisi eNaturena.

Iyalelwe nokuthi bonke abasebenza kuleli qembu kumele bagonqe ukuzama ukuvimbela ukuthi babhebhethekise leli gciwane elibhebhetheka kalula.

Nokho iPSL ayizange iyiphendule iChiefs kulesi sicelo sayo kwaze kwaba kushaya isikhathi sokuvala amahhovisi ngoLwesihlanu.

Yingakho ke seyinqume ukwazisa abantu ukuthi yona ayiqhubeki nalo mdlalo.

“Ngenxa yokuqubuka kweCovid-19 kwakamuva eqenjini, iKaizer Chiefs ifake izincwadi ezimbili kwiPSL icela ukuhlehliselwa imidlalo yayo esele kule nyanga.

“Okwamanje njengoba isalinde impendulo, isimo siphoqa ukuthi iKaizer Chiefs kumele ikuqinisekise ukuthi ngeke ikwazi ukuqhubeka nomdlalo weCape Town City ngoMgqibelo.

FUNDA NALA: ISafa isazocubungula ezokwenza kulandela ukuchithwa yiFifa ngolweBafana

“Babalelwa ku-31 abasebenzi beqembu abatholakale beneCovid-19 ngalokho iqembu liphoqelekile ukuthi liyalele bonke abadlali, ithimba labaqeqeshi nezinye izisebenzi esisondele eqenjini ukuba bagonqe.

“Ngeshwa yiyona kuphela into esingayenza ngalesi simo njengamanje.

“Njengoba siyinkampani ekubhekelelayo ukuphepha kwabasebenzi nalabo abasendelene nabo.

“Sizokwenza konke esingakwazi ukukwenza ukuvimbeka ukubhebhetheka okungagcina kuphazamise iligi nezwe lonke,” kusho isitatimende seChiefs. 

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.