IChiefs ithi ayiwubeki umconjwana wayo kowe-Arrows

IChiefs ithi ayiwubeki umconjwana wayo kowe-Arrows
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: TWITTER

IKaizer Chiefs seyikuqinisekisile ukuthi ngeke iwubeke umconjwana wayo emdlalweni wayo neGolden Arrows ohlelelwe ukuba ngoLwesithathu.

Lokhu kuqahamuka nje bekusanda kusabalala izidaba zokuthi iChiefs ibamba iyayeka ihlanganisela ukuya kulo mdlalo weDStv Premiership. 

Lo mdlalo kuhlelwe ukuthi udlalelwe ePrincess Magogo Stadium ngoLwesibili kusihlwa.

Nokho sekuthe ngoLwesibili ntambama iChiefs yakhipha isitatimende esishicilele ezinkundleni zokuxhumana ikubeka obala ukuthi ayiyi eThekwini.

“Kulandela ukubonisana nethimba lodokotela nabaphathi ngokuqubuka kweCovid-19 okuqhubekayo e(Naturena) Village ngeviki elidlule, IChiefs ngeke ikwazi ukuya emdlalweni weGolden Arrows.”

Ibeke kanje iChiefs kulesi sitatimende esifushane. Imizamo yokuthola ulwazi oluthe xaxa ayiphumelelanga.

Abaphethe kwezokuxhumana bathe akukho okungale kwalokhu abazokusho ngalolu daba.

Isho kanjena nje iChiefs usihlalo wePSL u-Irvin Khoza usanda kuveza ukuthi ayikho imidlalo ezomiswa ngoba alikho iqembu elingaphezu kwelinye kwiPSL.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.