IChiefs ivuthele izinsolo ngekusasa likaZuma

UDumisani Zuma

OKADONGA GUMBI
Sekuqubuke izinsolo zokuthi uDumisani Zuma usebekwe eceleni njengomunye wabadlali abazokhonjwa indlela kwiKaizer Chiefs ekupheleni kwesizini.
Lezi zinsolo zinesikhathi zizungeza ezinkundleni zokuxhumana kodwa zivutheleke kakhulu ngoMgqibelo ekuseni kulandela ukushiywa kwakhe ngaphandle eqenjini leChiefs elizobhekana neWydad Athletic.
Amakhosi akhiphe isitatimende esifishane echaza ngabadlali asebeluleme abazobe bekhona kulo mdlalo weCAF Champions League, nalabo abangekho.
Kulesi sitatimende baqinisekise ukubuya kukaKhama Billiat nokuthi ukhona eqenjini, kanti u-Erick Mathoho yena uzobe engekho ngenxa yokuxinwa amathansela. UKearyn Baccus naye usebuyile njengoba eseluleme emkhuhlaneni obumbambile.
UZuma naye bathe uzobe engekho kodwa yena akwangachazwa ukuthi yini edala engabi khona. Lokhu kuqubule imibuzo ngokuthi ngabe ulimele noma kwenzekani ngaye.
Nokho Impempe iyakuqonda ukuthi uZuma ubeshomene kakhulu noSiphelele Ntshangase osanda kudedelwa kuleli qembu ingakapheli inkontileka yakhe ngenxa yokungaziphathi kahle.
Abaphathi babenethemba lokuthi izinto zizojika uma uNtshangase engasekho, uZuma aziqoqe. Nokho kubukeka kungenzekanga lokho njengoba eshiywe ngaphandle.
Nokuthi iqembu limbalule ngokuthi uzobe engekho bese lingacacisi ngezizathu zalokhu kuyasolisa.
Khonamanjalo, iChiefs kumele iyishaye iWydad uma kuwukuthi usazoqhubeka umkhankaso wayo kwiChampions League kwazise umdlalo wokugcina kuGroup C izowudlalela ekuhambeni.
Amathuba asekhona njengoba Amakhosi esendaweni yesithathu kodwa elingana neHoroya ngamaphuzu amahlanu kuleli qoqo layo. Ukuwina kwiWydad kuzoyehlisela isisindo uma seyiya eGuinea jwiHoroya SC.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.