IChiefs ixaxame yasondela kwiSundowns kwiDStv Premiership

IChiefs ixaxame yasondela kwiSundowns kwiDStv Premiership
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

IKaizer Chiefs seyisalele ngamaphuzu ayisishiyagalombili kwiMamelodi Sundowns kwiDstv Prmiership.

Lokhu kulandela ukuthi iChiefs iqhubekile nonyawo oluhle lokuwina ishaya iMaritzburg United ngo 1-0 emdlaweni obungelula eHarry Gwala Stadium ngeSonto ebusuku.

IChiefs seyisendaweni yesithupha la ilinganga khona ngamaphuzu angu-18 neRoyal AM neSuperSport United abangenhla kwayo.

Nokho kusazomele iqhubeke nokusebenza kanzima ukuze isondele ingene emjahweni wesicoco ngethemba lokuphoxa iSundowns ekugcineni.

Ngemuva kokubambezeleka isikhathi esicela emizuzwini engu-90, umdlalo ugcine uqhubekile.

Umdlalo bewubambezeleke kulandela inkinga kagesi eHarry Gwala Stadium kodwa igcine ilungisekile amaqembu avumelana ngokuqhubeka nomdlalo.

Nokho isivuvu sawo besingesihle futhi alikho iqembu elakhe amathuba acacile okushaya amagoli esiwombeni sokuqala.

Nokho iChiefs icishe yasheshe yalishaya igoli ngesikhathi uNjabulo Ngcobo engqofa ibhola obekuyikhona kodwa lazishayisa epalini.

IMaritzburg yiyo esheshe yajwayela kulo mdlalo yaqala yahlamnganisa iminyakazo emihle.

Nokho beyifike ixakeke uma seyisondela emapalini eChiefs futhi alikho nje ibhola eke yalishaya elixake uDaniel Akpeyi.

Nasesiwombeni sesibili kucacile ukuthi zidlana imilala ngamacebo abaqeqeshi lingekho alinethuba lokudlala ngendlela elifisa ngayo.

IChiefs ibuye ekhefini seyihlangene kangcono futhi neminyakazo yayo seyithembisa.

Iyicindezelile iMaritzburg yagcina ithola amabhola abekwa phansi kwanti kwelinye lawo, obekuyikhona igcine ithole igoli.

Ibhola ligcine liphelele ekhanda likaBernard Parker olingqofele enethini engaphansi kwepali likaMarcel engelhardt.

FUNDA NALA: Kuphinde kwenzeka ihlazo umdlalo uqala sekudlule isikhathi ngehora lonke

IMaritzburg izamile ukubuya ngemuva kwaleli goli kwasho khona ukuthi iChiefs ibingeke isawadedela amaphuzu seyize yawaphatha ngesandla.

Leli qembu lika-Ernst Middendorp sekuzomele lizame ukulungisa izinto ngokushesha ukuze lifike kwiMarumo Gallants seliwalungisile amaphutha.

IMaritzburg izogadulisana neGallants ewine okokuqala kule sizini kule mpelasonto ngemuva kokufika kukaDan Malesela njengomqeqeshi.

IChiefs yona izozethemba kakhulu kwazise beyiwina okwesibili kulandelana okuzoyenza ibhekane naMaZulu ihambela phezulu ngoLwesithathu.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.