IChiefs iyahlanganisa, izama ukubuyela enkundleni kowe-Arrows

IChiefs iyahlanganisa, izama ukubuyela enkundleni kowe-Arrows
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

IKaizer Chiefs iyahlanganisa, izama ngakho konke okusemandleni ukuthi iwudlale umdlalo wayo weDStv Premiership neLamontville Golden Arrows.

Lokhu kuhletshelwe Impempe umthombo othembekile oveze ukuthi Amakhosi abamba ayayeka, ahlanganisa ngayo yonke indlela ukuze abe khona kulo mdlalo.

Lo mdlalo kuhlehlelwe ukuthi ube sePrincess Magogo Stadium, KwaMashu ngoLwesithathu ntambama.

“IChiefs izama ngakho konke ukuhlanganisa abadlali ukuze bahambe namuhla (ngoLwesibili) ntambama balibangise eThekwini.

“Amaqembu asuke eyodlala ekuhambeni ajwayele ukubamba indiza ngabo 2 noma ngo 3 ntambama, ngosuku olwandulela olomdlalo,” kusho umthombo ozazi zonke zePremier Soccer League.

Isiphithiphithi siqale ngesonto elidlule ngesikhathi iChiefs ibhalela iPSL iyitshela ukuthi bangu-31 abahaqwe yiCoronavirus eNaturena Village.

Ibe isiveza ukuthi
kuvaliwe eNaturena ngenxa yalokhu, ngakho ingajabula uma imidlalo yayo yeligi kaDisemba ingahlehliswa.

IPSL ayizange iyingene indaba yokuhlehlisa imidlalo yeChiefs.

ICape Town City ebizodlala neChiefs ngoMgqibelo ifike eFNB Stadium, kukhala ibhungane, kulenga ingidi esangweni.

Njengoba iChiefs kumele idlale ne-Arrows nje ngoLwesithathu, iPSL ithule du ayisho ukuthi kuzokwenzekani.

Lokhu kubukeka kuyikona okwenza iChiefs izame ukuhlanganisa abadlali abazondizela eThekwini ngoLwesibili ukuze badlale ne-Arrows ngoLwesithathu.

FUNDA NALA: Izibulala yona iChiefs ngokugoloza ukudlala

Sekuvele kukhulunywa ukuthi iChiefs ingase iphucwe amaphuzu amathathu ngokuhluleka ukuya emdlalweni wangoMgqibelo.

Ngokujwayelekile abadlali abasuke bekanye nalabo abatholakala benegciwane bayaye balulekwe ukuthi bahlolisiswe ukuze bangalidluliseli eqenjini abazodlala nalo.

Njengoba kuvaliwe nje eNaturena akwaziwa ukuthi labo abazodlala ne-Arrows bajimela kuphi nokuthi sikhona yini isiqiniseko sokuthi bona bamsulwa.

Uma iChiefs igcina yehluleka ukuya kuyo yonke imidlalo yayo esele ngaphambi kwekhefu likaKhisimuzi, ingase izithole ilahlekelwa amaphuzu angu-12.

Lokhu kungaykhubaza kakhulu kwazise beyisisondela kwiMamelodi Sundowns ezohola phambili kwiligi.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.