IChiefs iyaqhubeka nokushanelisisa eNaturena

v
URamahlwe Mphahlele osechithwe yiKaizer Chiefs
Sbongs Gumbi

Isitobha uRamahlwe Mphahle nomdlali wasemuva kwesokunxele uSiphosakhe Ntiya-Ntiya balandele abadlali abasanda kudedelwa eNaturena okuyikomkhulu leKaizer Chiefs.

Laba badlali bobabili benza isibalo sabadlali asebededelwe yileli qembu laseNaturena sibe ngu-12, kulandela ukuchithwa kwenqwaba ekuqaleni kwenyanga, lapho bekukhona nengwazi uBernard Parker.

IChiefs ikubeke kwacaca ngesikhathi kuphela isizini edlule, ukuthi izothatha izinqumo ezinqala ukuqinisekisa ukuthi iyaluqeda ukhondolo lweminyaka eyikhombisa ingawini lutho, kule sizini ezayo.

Isheshe yalungisa indaba yomqeqeshi ngokumemezela u-Arthur “10111” Zwane, iphini lakhe okuzoba uDillon Sheppard.

Ngemuva  kwezinsuku ezimbalwa abadlali abayishumi bakhonjwe indlela kwathi abanye bafakwa ohlini lwabadayisayo.

NgoMsombuluko Amakhosi aqinisekise ukufika kwabadlali abayisikhombisa abasha njengoba besondela ekuqaleni amalungiselelo esizini entsha eNaturena.

Kubadlali abethulwe yiChiefs kukhona uKamohelo “Nyaope” Mahlatsi, uLehlogonolo Matlou noDillon Solomons, abavela kwiSwallows FC, noSiyethemba Sithebe osuka kukaMaZulu.

“IKaizer Chiefs seyikhethe ukungayeluli inkontileka kaRamahlwe Mphahlele uma seyifika emaphethelweni ekupheleni kukaJuni,” kusho isitatimende seChiefs ngoLwesibili.

“Lesi sitobha esinekhono sifike kwiChiefs ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2016/2017 sivela kwiMamelodi Sundowns.

“Umdlalo wakhe wokuqala kuMakhosi kwakungowokuvula isizini yePremiership ngo-Agasti 23, iChiefs ibhekene neBidvest Wits.

“Kusukela lapho usedlale imidlalo engu-127 kumasizini ayisithupha neqembu laseNaturena, ngaphansi kwabaqeqeshi abehlukene.

“Ubuholi bakhe enkundleni nangaphandle kwayo kwenze ukuthi agqoke ibhande likakaputeni izikhawu eziningana kuMakhosi.

FUNDA NALA: UChikohwa usezibophezele ekusize kutholakale uCele oduke eGeorgia

“Siyambonga uRama ngomsebenzi wakhe omuhle futhi simfisela okuhle kodwa ekusaseni lakhe lebhola,” kusho iChiefs.

“IChiefs noSiphosakhe Ntiya-Ntiya sebefinyelele esivumelwaneni sokuthi izindlela zihlukane. Leli sitobha sifikele enkulisa yeChiefs ngaphampi kokuthi sinyuselwe eqenjini elikhulu ngoJanuwari 2018.

“Simfisela okuhle kodwa,” kusho isitatimende sibhekise kuNtiya-Ntiya ongowokuzalwa KwaZulu-Natal.

Amakhosi kulindeleke ukuthi amemezele abanye abadlali abambalwa njengoba kukholakala ukuthi asabheka umgadli noma ababili ngaphambi kokuqeda ngokusayinisa.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.