IChiefs iyeke iSundowns seyilahlile koweDStv Premiership

Sihle Ndlovu

IKaizer Chiefs ibuye seliyoshona ngesikhathi ibambana neMamelodi Sundowns ngo 1-1 emdlalweni weDStv Premiership, eFNB Stadium, ngeSonto.

Kulo mdlalo Amakhosi aqale kahle kodwa kwabhoka isifo sawo esidala sokuhluleka ukushaya amagoli uma ephethe umdlalo. Ngesiwombe sesibili ziye zashintsha izinto iSundowns yadlala kangcono kuneChiefs.

Ukubhukula kweDowns kwenze ukuthi ithole igoli nelize no-Aubrey Modiba nbgomzuzu ka-49. Lokhu kwenze ukuthi umdlalo ushintshe kakhulu.

Bese kubukeka sengathi umdlalo uzophela ngo 1-0 kodwa waqhamuka uPhathutshedze Nange washaya igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-76. IChiefs iziyekele ukuwina umdlalo ngesikhathi uKeagan Dolly egeja iphenathi ngomzuzu ka-83.

Maningi amanye amathuba okuwina umdlalo ayekwe yiChiefs abengenza ukuthi ikhale yemuke nawo wonke amaphuzu amathathu. Nokho Amakhosi ayiyeke kaningi iSundowns izinto ziwavuna.

Kule sizini iChiefs ikuthola kunzima kakhulu ukuwina imidlalo uma idlalela ekhaya. Empeleni leli qembu laseNaturena lisakwaze ukushaya amagoli amathathu kuphela eFNB Stadium kulo nyaka.

Iphuzu elitholwe yiChiefs alanele ukuthi lingayenza igcine iqede endaweni yesibili kwilogi okuyinto abegcizelela ukuthi bayayifuna umqeqeshi u-Arthur “10111” Zwane.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.