IChiefs iyiphendule izimpuphu iSimba ebisatshwa

UMulomowandau Mathoho noSiyabonga Ngezana

OKADONGA GUMBI

Ivele yazidlulela ngehubo, kwangathi beyizidlalela umdlalo wokungcweka ngeqembu lesigaba esiphansi iKaizer Chiefs kwiSimba SC ebisatshwa.

Amakhosi akucacise zisuka ukuthi awagayelwe mphako njengoba ewuqale ngegiya eliphezulu lo mdlalo. Abekhombisa ukuba bukhali ngendlela emangazayo okokuqala kule sizini.

Kuthe kusaphele imizuzu emihlanu umdlalo uqalile, uLebogang Manyama wadlala ngethuba. Ubephakelwe elihle ibhola nguDumisani Zuma olidle ngesithende.

Kodwa uManyama uzame ukujika unozinti weSimba, wahluleka kwaba yikhona. Igotshwe nguBernard Parker, ibhola lahlangana noMulomowandau Mathoho, walibgqofela enethini.

Leli goli alizange liyithene amandla iSimba njengoba ihlasele ngamandla kodwa ifike iphelelwe amaqhinga uma seyisondela epalini likaBruce Bvuma.

IChiefs beyihlasela ngokuzuma, futhi ibinakala ibukhali impela. UReeve Frosler ubelokhu ebelesele ngamabhola amahle abewagoba kwesokudla ewafaka ebhokisini.

Elinye lawo lihlangane noSamir Nurkovic ngomzuzu ka-34, walingqofela enethini.

ISimba nayo icishe yalithola elilodwa ngemuva kokuthi umgadli wayo ekhishelwe wabhekana ngqo nonozinti. Nokho uBvuma ukhombise ukukhalipha, washeshe waphuma wamhlangabeza waliphebezela eceleni ibhola lakhe.

Kuyiphindile ke iChiefs ukulinyalelwa wundlali esiwombeni sokuqala njengoba uZuma eshayisane nomdlali weSimba wathinteka kabana kwaphoqa ukuba aphume. Kungene uLeonardo Castro endaweni yakhe.

Amakhosi abuye ekhefini esegcwele ukuzethemba futhi ekhombisa ukuthi asekhaya njengoba abesefika ephindelela emapalini eSimba. Kuthe kusaphele imizuzu eyishumi, lakhala enethini futhi.

UManyama uvele wagudla nezitobha zezivakashi waze wayongena nazo ebhokisini, wabe eseliphakela uNurkovic ongazange esacucuza wadedela ishodi kwacishe kwadabuka inethi.

Ngomzuzu ka-63, lagaxela enethini futhi. Kulokhu uManyama uliphakele uCastro, wavele walingqofa laphambana naye unozinti obethi uyaphuma uzozama ukumvimba.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.