IChiefs izinike ithuba lokulwela indawo emidlalweni yeCAF

Sihle Ndlovu

IKaizer Chiefs isenalo ithuba lokugcina lokuzibekisela ondawo emidlalweni yeConfederation of African Football (CAF) yangonyaka ozayo.

Amakhosi azibuyisele ithemba ngeyeCAF kulandela ukushaya iSekhukhune United ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership, e-Ellis Park Stadium, ngoMgqibelo ntambama.

Igoli leChiefs lishaywe uRamahlwe Mphahlele ngomzuzu ka-39, kanti ulishaye ngekhanda. Lo mdlali wasemuva waqala ukudlala ibhola elikhokhelayo kuyona le nkundla ngesikhathi esadlalela iMoroka Swallows.

Kulowo mdlalo uMphahlele wasiza ekukhandeni igoli elabekwa phakathi uCecil Oerson, zawina ngo 1-0 iZinyoni kowabakhaya.

Ukuwina kweChiefs kuyibeke endaweni yesine ngamaphuzu angu-46 kanti isalelwe umdlalo owodwa wokugcina ezowudlala neSwallows FC ngoMeyi 21. Lokhu kuchaza ukuthi isenalo ithuba lokuqeda endaweni yesithathu noma eyesibili bese iyodlala eyeCAF.

Emdlalweni wangoMgqibelo iChiefs idlale kahle futhi bekuyifanele ukuwina. Nokho neqembu lasekhaya libe nomdlalo omuhle kodwa langawasebenzisa ngendlela amathuba amaningi eliwakhile.

UMphahlele uqokwe njengomdlali oshaye ecokeme kulo mdlalo yize eqede umdlalo esethole ikhadi eliphuzi.

editor@impempe.com

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.