IChiefs izodlala iqhugela bengekho abathathu okukhona kubo noNurkovic

IChiefs izodlala iqhugela bengekho abathathu okukhona kubo noNurkovic
USamir NUrkovic
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IKaizer Chiefs izobhekana neMarumo Gallants iqhugela njengoba isethenjwa somgadli uSamir Nurkovic sizobe singekho.

Leli qembu eliphekwa uStuart Baxter lizovakashela iGallants eLimpopo ngeSonto ngo 5 ntambama ePeter Mokaba Stadium ePolokwane.

UNurkovic uhlinzwe idolo lakwesokudla ngoLwesithathu kanti usazohlala isikhathi engadlali esalulama kulokho.

Ngaphezu kwalo mdlali, ezoshoda kakhulu iChiefs engekho, noPhathutshedzo Nange benoKgaogelo Sekgota nabo bazobe bengekho.

UNange ulimale ngempelasonto edlule behlulwa yiRoyal AM ngo 4-1 emdlwei weDStv Premiership eFNB Stadium.

Kuthiwa waklunhyuka umsipha wangaphakathi ethangeni okungamthatha amaviki amathathu kuya phezulu ukuba elulame kukho.

USekgota yena walimala kabana eqakaleni ngesikhathi edlaliswa kabi wukaputeni weRoyal AM uSamuel Manganyi.

Kudingeke athungwe lanti kusalindwe imiphumela yokuhlolwa kahle ngemishini yakhona ukubona ukuthi ungakanani umonakalo owadaleka.

UNurkovic uvumile ukuthi ubeziqinisa yize ebezwa ukuthi kukhona okungahambi kahle edolweni lakhe.

“Sengidlale nakho lokhu kulimala isikhashana manje. Ithimba lodokotela libe selinquma ukuthi kungcono ngivele ngihlinzwe,” kusho uNurkovic.

“KUsazobuye kuhlilisiswe kahle ukuthi kuhambe kahle konke yini ngokuhamba kwesikhathi. Odokotela basazongazisa ngohlelo okumele ngilulandele lokwelulama kulokhu.”

FUNDA NALA: UMchunu uthi ufuna isicoco kuphela kuMakabu, ukuziphindiselela sekoba yibhonasi

IChiefs beyivele iqhugela njengoba imimoya beyiphansi ekhempini kulandela ukushaywa kanzima yiRoyal AM.

Ukungabi bikho kwalaba badlali kuzokwengeza kulokho. Ivele iyashoda kubagadli njengoba noLeonardo Castro noDUmisani Zuma besalimele nabo.

UCastro kuthiwa useqalile ukugijigijima okusho ukuthi akusekude kakhulu ukuthi aqale ajime ngokugcwele.

UZuma yena usekujana njengoba esazama ukwelulama ekulimaleleni edolweni akuthole ngesizini edlule.

Omunye ongakezudlala kwiChiefs uSiyabonga Ngezana naye oselashelwa ukulimala. Yena kuthiwa angase aqale ukujima neqembu maphakathi no-Okthoba.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.