IChiefs izolungisa amaphutha ngoweMacufe, kusho uZwane

IChiefs izolungisa amaphutha ngoweMacufe, kusho uZwane
Sbongs Gumbi

IKaizer Chiefs izothola ithuba lokulungisa amaphutha, izicijisise nala izibona isadinga ukuloleka khona njengoba izodlala kwiMacufe Cup ngeSonto ntambama.

IChiefs izogadulisana neRoyal AM kulo mdlalo ozoba seMangaung Stadium ngo 3 ntambama sekuvalwa ifestivali yeMacufe.

Umqeqeshi weChiefs, u-Arthur Zwane uwubona uyithuba elihle lo mdlalo kwezakhe kwazise kuyiwe ekhefini leFifa kade zidlale kahle.

IChiefs ivithize iSuperSport united ngo 2-1 emdlalweni weligi kanti yakhombisa izimpawu zokuthi izinto zizogcina zilungile. Yingakho ke uZwane engafisa ukuwugcina lo mgqigqo.

“Lo mdlalo siyawudinga ngoba kunezinto okusamele sizicije kuzo ngokwendlela esidlala ngayo,” kusho uZwane ngalo mdlalo weMacufe Cup.

“Sifuna abadlali bajwayelane babambe nomgqigqo. Sizophinde sinike nabadlali abebengakalitholi ijezi ithuba ngoba sifuna bonke babe sezingen elifanayo.

FUNDA NALA: UPitso usuke kwi-Al Ahly waya kwi-Al Ahli

“Sizosebenzisa lo mdlalo ukuzama ubudlelwano obusha bokudlala ukuze kufike imidlalo yango-Okthoba sesiwumshini kwazise sineyisikhombisa kule nyanga ezayo.”

UZwane uphinde waveza ukuthi uyethemba bazokuthokozela abalandeli beChiefs baseBloemfontein namaphethelo ukubona iqembu labo bukhoma ngemuva kwesikhathi eside.

“Sesikubheke nangabomvu nokubona abalandeli bethu baseMangaung naseFree State ngoba sekukudala sagcina ukudlala khona,” kuchaza uZwane.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *