IChiefs kubukeka izoyizwa ngendaba imidlalo yeCAF

U-Arthur Zwane
Sihle Ndlovu

Isifiso seKaizer Chiefs sokuqeda endaweni yesibili kwilogi yeDStv Premiership kubukeka singeke sisafezeka.

Amakhosi  ayeke ithuba lokuvala igebe phakathi kwawo neCape Town City kanjalo neRoyal AM, ngesikhathi ebambana neMamelodi Sundowns ngo 1-1 emdlalweni weligi eFNB Stadium, ngeSonto.

Ngokwezibalo iChiefs ayisabalwa namaqembu azoqeda endaweni yesibili njengoba inamaphuzu angu-43. ICitizens inamaphuzu angu-48 endaweni yesibili kanti iThwihli Thwahla isendaweni yesithathu ngamaphuzu angu-45 (isale emuva ngomdlalo owodwa).

Lokhu kuchaza ukuthi iChiefs sekungamele iwine imidlalo yayo emibili esele bese iCape Town City neRoyal AM bashaywe kweyabo esele. Akubukeki kuyinto engenzeka leyo uma kubhekwa ukuthi la maqembu anomgqigqo omuhle.

IChiefs izobhekana neSekhukhune United emdlalweni weligi e-Ellis Park Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. Ngaleso sikhathi iCape Town City izobe idlala naMaZulu FC eCape Town Stadium, kanti iRoyal AM izobe itholene phezulu neLamontville Golden Arrows eSugar Ray Stadium.

Imidlalo esele yeligi seyizodlalwa ngesikhathi esifanayo kuze kusongwe isizini. IChiefs izovala imidlalo yeligi ngokubhekana neSwallows FC elengelwa yizembe.

ICitizens yona izovala ngokubhekana neStellenbosch FC, kuthi iRoyal AM ibhekane nompetha beligi iMamelodi Sundowns ngoMeyi 21. IDowns neThwihli Thwahla basanda kutholana phezulu emdlalweni weNedbank Cup lapho kuwine khona Abafana Ba-Style ngo 2-1.

Kubukeka sengathi iChiefs kuzomele ikhohlwe ukuthi ingase idlale emidlalweni yeCAF ngonyaka ozayo. Mhlawumbe lokho kuzoyisiza ukuthi yakhe iqembu layo kahle njengoba izinto zingayihambelanga kahle kule sizini egoqwayo. Akwaziwa ukuthi kuzobe kungu-Arthur Zwane yini ozobe esahola iqembu noma lizothola umqeqeshi omusha.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.