IChiefs kumele iqaphele ‘umuthi’ weThwihli Thwihli koweDStv Premiership

UMfundo Thikazi weRoyal AM
Sihle Ndlovu

IKaizer Chiefs kuzomele izame ukuqaphela ‘umuthi’ oza neRoyal AM ezobhekana nayo emdlalweni weDStv Premiership, eChatsworth Stadium, ngo-5.30 ntambama.

Lo ‘muthi’ weThwihli Thwahla usuke wayigila iChiefs ngesizini edlule ikakhulukazi emdlalweni wokuqala eyashaywa kuwona ngo 4-1. ‘Umuthi’ owuMfundo Thikazi, owashaya elihle igoli bebhekene neChiefs FNB Stadium emlenzeni wokuqala, ungase uphinde uyihluphe iChiefs.

UThikazi akavamisile ukuqala imidlalo kodwa ungena esuka ebhentshini. Ezikhathini eziningi kuvele kubukeke sengathi iThwihli Thwahla isuke ilinde ukuthi kungene uThikazi ngasekupheleni komdlalo bese ashintshe yonke into.

Lokhu ukwenzile nasemdlalweni weNedbank Cup bebuya sekuvalwe amehlo bebhekene ne-University of Pretoria wangena washaya igoli ekugcineni kwachwaza inkundla. Nangesikhathi bebhekene ne-Orlando Pirates wenza into efanayo eshaya igoli ekugcineni.

Uma kuya ngobekwenzeka ngesizini edlule iRoyal AM iyona engase ibuye namaphuzu amathathu emdlalweni wangoMgqibelo okungathandabuzeki ukuthi uzodla ngokukhanga kakhulu. Nokho neChiefs ngeke izibeke phansi njengoba izobe izama ukuziphindiselela ngoba leli qembu liyishaye kabili ngesizini edlule.

Kuningi okubhekiwe kwiChiefs mayelana nokuthi umqeqeshi u-Arthur “10111” Zwane uzobophela baphi abadlali kusuka epalini kuya phambili. Kubhekiwe nokuthi ngabe u-Itumeleng Khune uyena yini ozobe ehola iqembu njengokaputeni kulo mdlalo. Nokho okunye okubhekiwe ukuthi ngabe ‘umuthi’ weRoyal uzosebenza yini kulokhu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.