IChiefs neMan United banokugula okufana ncamashi

Sihle Ndlovu

IKaizer Chiefs neManchester United amaqembu asesimeni esifanayo, okumele aqale phansi abuyise isithunzi sawo ngokukhulu ukushesha.

Sekuphele amasizini amaningi la maqembu eshaya udaka futhi asekuzwa ngendaba womabili ukuphakamisa indebe. Okuhlalukayo ukuthi kuwona womabili izinto azilungi kuwona noma eseshintsha abaqeqeshi amasizini elandelana.

IChiefs seyicijwe abaqeqeshi abafana noSteve Komphela, Giovani Solinas, Gavin Hunt, Ernst Middendorp noStuart Baxter (obesebuya okwesibili) kodwa angakwazi ukuthola indebe. Kunalokho leli qembu liyaqhubeka nokushona phansi.

Ngasohlangothini lweMan United sekuke kwaqeqesha u-Ole Gunnar Solskjaer, Michael Carrick noRalf Rangnick (obambile manje) kodwa izinto azihlangani nakancane.

Amakhosi neMan United amaqembu abaziwa ngokuthi akudluli isizini engayiphakamisanga indebe eminyakeni edlule. Nokho lokho sekungumlando njengoba la maqembu zingawahambeli kahle izinto.

IChiefs isendaweni yesithathu kwilogi ngamaphuzu angu-39. Indlela izinto ezenzeka ngayo ingazithola ingakwazi nokuyodlala kwiCAF Confederation Cup, uma iqhubeka nokushaywa.

IMan United nayo ilengelwa yisimo sokuthi iyizwe ngendaba i-Uefa Champions League njengoba imiphumela iyiphika nje. Leli qembu likaRangnick lisendaweni yesithupha kwilogi ngamaphuzu angu-54.

Ihlazo elikhulu ethelwe ngalo iChiefs kule sizini, kube ukushaywa omakoti iRoyal AM kabili nokuchaza ukuthi bayemuke amaphuzu ayisithupha. Emdlalweni wokuqala Amakhosi ashaywe ngo 4-1 kwathi kowesibili ashaywa ngo 1-0.

IMan United yona kumele ukuthi ayifuni nokukhuluma ngehlazo ethelwe lona yiLiverpool kule sizini. Ishaywe ngo 5-0 emdlalweni wokuqala kwathi kowesibili yathelwa induku ka 4-0, ngoLwesibili.

Kukho konke lokhu kuyacaca ukuthi la maqembu, anabalandeli abaningi, kumele aqale phansi alungise izinto kabusha. Womabili anokugula okufana ncamashi futhi abalandeli bawo sebeyinhlekisa kubalandeli bamanye amaqembu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.