IChiefs neManchester United zithupha ziya egwayini

USiyabonga Ngezana weKaizer Chiefs
Sihle Ndlovu

IKaizer Chiefs, yaseNingizimu Afrika, neManchester United, yase-England, babukeka bencintisana ngokuthi yiliphi iqembu elibheda kakhulu njengoba ehlonishwa womabili ngokomlando nezindebe aziwinile phambilini.

Kubukeka sengathi alikho kula maqembu elifuna ukuthi kuthiwe lona alishaywa kakhulu kunelinye. Womabili asashaye udaka kula masizini edlule kanti abukeka esafuna ukuzibhixa ngalo ebusweni (udaka) njengoba kusanda kuqala amasizini amasha kumaligi ehlukene emhlabeni.

IChiefs ithelwe ngehlazo lika 4-0 ompetha beligi iMamelodi Sundowns emdlalweni weDStv Premiership, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ntambama. Kulo mdlalo kugqame amaphutha amabili esitobha  seChiefs uSiyabonga Ngezana owenze iqembu lalandela ngemuva ngo 2-0 kungakapheli nemizuzu engu-20.

UNgezana uqale washaya isithuphuluzana sephasi esibhekise kunozinti wakhe uBruce Bvuma, ibhola lazithola lisezinyaweni zikaGaston Sirino weSundowns, waliqabulisa inethi. Akagcinanga lapho uNgezana njengoba ephinde wenza iphenathi engenasidingo ebamba uPeter Shalulile ebhokisini. UShalulile waseNamibia usukume lapho washaya iphenathi kwaba ngu 2-0, zehla izihlathi kuMakhosi.

IMan United kubonakale ingafuni ukuhlulwa yiChiefs ekubhedeni sakuthola isibhaxu, njengoba yona ikhethe ukuwadedela ngesiwombe sokuqala wonke amagoli amane ibhekene neBrentford, eBrentford Community Stadium, ngoMgqibelo. Kuyonake bekubhoke uDavid de Gea obezama ‘ukungehlulwa’ uNgezana ngokwenza amaphutha adlisa iqembu.

‘UGiya’ uqale waba nezandla ezintekenteke ededela igoli obekungamele limudle ngomzuzu weshumi. Ubuyile uGiya wenza sengathi bebefonelene noNgezana enika umdlali wangakubo ibhola emakiwe ebhokisini lakhe, lagcina likhale phakathi.

Ngemuva kwalokho kube sekucaca ukuthi iManchester nokaputeni wayo uHarry Maguire, basazobaphathisa ngezinhliziyo ezibuhlungu kakhulu abalandeli babo abanethemba elikhulu kubona. Kuyinto efanayo nakwiChiefs njengoba kungacaci ukuthi indlela eya phambili ikhona yini kuleli qembu eliholwa uKeagan Dolly njengokaputeni.

Okwamanje kubukeka sengathi lezi zinkunzi ezihlonishawayo emhlabeni zishaya udaka futhi zithembisa abalandeli bazo into engeke yenzeke ngokushisa ziphinde zibande. IChiefs neMan United zithupha ziya egwayini ngendlela abadlala ngayo okwamanje.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.