IChiefs noPitso sebehlangene esikhaleni sakwaNtombela

UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ukuthi kuwina bani phakathi kweKaizer Chiefs yakuleli ne-Al Ahly yase-Egypt kowamanqamu kwiCAF Champions League akusabalulekile. Okubalulekile wukuthi iNingizimu Afrika izoyithola indondo, noma izindondo zokunqoba lo mqhudelwano.

Angithi phela kowamanqamu kuzobhekana iChiefs ne-Al Ahly. Kwi-Ahly elakuleli limelwe nguPitso Mosimane ongumqeqeshi, nephini lakhe uCavin Johnson, ojimisa abadlali uKabelo Rangoaga nohlaziya izimbangi, uMusi Matlaba.

URangoaga noMatlaba babesebenza noMosimane kwiMamelodi Sundowns, kanti waqoka ukubathatha ahambe nabo uma eseya kwi-Ahly. UJohnson wayekade esanda kuphelelwa wumsebenzi kwiBlack Leopards ngesikhathi ethathwa wuMosimane ukuba ayomsiza e-Egypt.

Laba bobane sebevele banazo izindondo zokuwina iCHampions League njengoba beyiwinile ngesizini edlule. Nokho kufana nokuthi baziphiwa lezi zindondo kwazise bafika kwi-Ahly isisesigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu.

Kodwa kulokhu basuke nayo phansi njengoba seyikowamanqamu nje. Kuke kwanesikhathi la bekuthiwa ikusasa likaMosimane kuleli qembu eliphambili e-Afrika yonkana lisengcupheni kulandela ukushaywa yiSimba Sc emidlalweni yesigaba samaqoqo.

Kodwa ukusuka lapho izinto sezijikile njengoba sebeze bazifikela kalula kowamanqamu futhi akungabazeki ukuthi yibo ababhekiwe ekudleni lesi sicoco. ISundowns ifike kowamanqamu ngokushaya i-Esperance yaseTunisia ngo 4-0 sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze yomibili esigabeni semidlali eyandulela owamanqamu.

IChiefs yona idlule ngomcacamezelo womlalisa phansi kwiWydad Athletic yaseMorocco abayihlule ngo 1-0 sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze yomibili.

NjengeChiefs, i-Ahly yayiwine ngo 1-0 ekuhambeni eTunisia ngempelasonto edlule. Kodwa kuthe seyisekhaya e-Egypt yabukisa ngalezi zinkunzi zaseTunisia izishaya ngo 3-0.

Owamanqamu uzothatha amehlo kwazise uMosimane nomqeqeshi omusha weChiefs, uStuart Baxter yizimbangi ezindala. Babevele bekhiphana inkani ngesikhathi besaqeqesha kuleli bobabili eminyakeni embalwa edlule.

Njengamanje lezi zinkunzi zabaqeqeshi namaqembu abo athandwa yizigidi zabalandeli emazweni awo sezihlangene esikhaleni kwaNtombela, sekuyodela uMakhasana ngoba uyozibona zibulalana.

EMAIL: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.