IChiefs seyethule omunye umdlali, iRoyal AM ifuna ibuyise uSolomons

IChiefs seyethule omunye umdlali, iRoyal AM ifuna ibuyise uSolomons
UKaizer Motaung Junior emukela uYosuf Maart eNaturena
Sbongs Gumbi

IKaizer Chiefs isimemezele umdlali wayo wesishiyagalombili emsayinile uYosuf Maart, kodwa iRoyal AM nayo ngala iyakhala ngomunye wabamenyezelwe ngoMsombuluko.

UMaart wethulwe ngoLwesibili ebusuku njengomdlali waMakhosi kanti usayine inkontileka yeminyaka emithathu.

Lo mdlali wakhuliswa yi-Orlando Pirates futhi wake waba ngukaputeni weqembu layo leDStv Diski Challenge kodwa ubesedlala kwiSekhukhune United lapho abengukaputeni khona.

“IKaizer Chiefs isisayinise uYusuf Moegamat Maart iminyaka emithathu nombandela wokwelula ngeminye emibili,” kusho iChiefs esitatimendeni sayo.

“UMaart ufika nje uphuma kwiSekhukhune FC la ehlale khona amasizini amabili, eyodwa kwiGladAfrica Championship nenye kwiDStv Premiership.

Udlale imidlalo engu-29 kule sizini washaya amagoli amathathu kwiBabina Noko. Ukudlala kahle kwakhe kumsize ukuthi abizwe nakwiBafana Bafana.”

IChiefs ibe seyiveza ukuthi lo mdlali uzobe esekhona uma leli qembu selihlangana eNaturena kulo leli viki ukulungiselela ukuqala kwamalungiselelo esizini ezayo.

Akungabazeki ukuthi lezi zindaba zizobajabulisa abalandeli bayo kodwa kuzomele bazishebe nezingezinhle kangako.

FUNDA NALA: IRichards Bay izozwana amandla neSundowns kweyokulungiselela isizini

Lokhu kulandela ukuthi isikhulu seRoyal AM uSinky Mnisi, sesiveze ukuthi bangase bakuphikise ukusayina kweChiefs uDillon Solomons obekwiSwallows FC.

“Ngicabanga ukuthi kukhona umbango ovunguzayo ombandakanya uDillon Solomons, thula nje ubheke. Kuzolandelwa izindlela ezifanele,” usho kanje uMnisi kwabeMetro FM ngoLwesibili ntambama.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.