IChiefs seyiqalile ukuhlanza indlu – uNtshangase owokuqala ukuhamba

USiphelele Ntshangase

OKADONGA GUMBI

Sewuqalile umkhankaso wokubumba kabusha iqembu kwiKaizer Chiefs njengoba ifuna ukubuya seyimandla kakhulu ngesizini ezayo.

Amakhosi asededele uSiphelele Ntshangase kusasele izinyanga ezingaphezulu kancane kwezintathu iphele inkontileka ebimhlanganise naleli qembu laseNaturena.

Lezi zindaba zikhishwe yiChiefs kwiTwitter yayo ngoLwesihlanu ntambama, ithi ngemuva kokuxoxisana nalo mdlali bafike esivumelwaneni sokuthi adedelwe kusemanje.

“IKaizer Chiefs noSiphelele Ntshangase sebefinyelele esivumelwaneni sokuthi bahlukane kusukela manje.

“Ukunqanyulwa kwenkontileka singakafiki isikhathi sokuphela kwayo kulandela izingxoxo phakathi kwezinhlangothi zombili,” isho kanje iChiefs esitatimendeni esiphanyeke ezinkundleni zokuxhumana.

UNtshangase, oneminyaka engu-27, ufike ngelikhulu isasasa kuMakhosi ekuqaleni kuka-2018 esho ngelikhulu iqholo ukuthi yena uyisinongo esidingwa yileli qembu laseNaturena.

Wethembisa ukushaya amaphasi kaNokusho kodwa konke lokho akuzange kwenzeke njengoba ebehluleka ukuzitholela indawo eqenjini eliqala imidlalo.

Waba nedumela elimangalisayo nakubalandeli ngenxa yebhola elihle ayelidlala kwiBlack Leopards elaze lamfaka kwiBafana Bafana yize ayesadlala esigabeni sokuqala ngaleso sikhathi.

Kodwa ke izinto azizange zimhambele kahle njengoba bonke abaqeqeshi kusukela kuSteve Komphela afikela kuye, kuya kuHunt bebengaboni simanga esitheni kuye.

Kuthe uma kuphela inkontileka yakhe ngesizini edlule, welulelwa ngonyaka owodwa ngoba kunethemba lokuthi uzokwenza kangcono ngaphansi kukaGavin Hunt.

Nokho izinto ziqhubekile nokumbhimbela lo mdlali ozalwa oPhongolo enhla neKwaZulu-Natal, kwaze kwaba uyachithwa.

Bese kuke kwavela namahlebezi okuthi uNtshangase akasaziphethe kahle futhi nasejimini useyakhombisa ukuthi uphelelwe wuthando lokuba seNaturena.

Akuyena ke yedwa nokho ozodedelwa kwiChiefs njengoba kulindeleke ivule izokhala zabadlali abasha abazosayinwa ekupheleni kwale sizini ukuvuselela iqembu.

Sekuphele iminyaka ecela kweyisikhombisa manje Amakhosi agcina ukuqukula indebe.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.