IChiefs seyithweswe elinye icala yiPSL

U-Aden McCarthy

 

Sihle Ndlovu

IKaizer Chiefs seyiphinde yabekwa elinye icala yiPremier Soccer League (PSL) yize nelinye lingakafinyeleli esiphethweni.

Kulokhu Amakhosi abekwe icala lokudlalisa abadlali ababengabhalisiwe ngokusemthethweni ngesikhathi ibhekene neSekhukhune United ngoDisemba. Lokhu kuqinisekiswe umshushisi wePSL uZola Majavu, ngoLwesihlanu ekuseni.

“Ngicela ukuqinisekisa ukuthi iKaizer Chiefs seyibekwe icala lokudlalisa abadlali ababili kungafanele, okungu-Aden McCarthy noMduduzi Shabalala,” kusho uMajavu.

“Lokhu kwenzeke emdlalweni wayo iChiefs neSekhukhune United ngoDisemba 12, 2021. Laba badlali babengabhalisiwe ngokusemthethweni ukuthi bangadlalela iqembu emidlalweni yeDStv Premiership.

“Babhalisiwe bona ukuthi bangadlala kwiReserve League. Yilelo icala ababekwe lona kanti lolu daba luzohlalelwa phansi ngo-Ephreli 14 ngo-2 ntambama.

“Uma udaba seluqediwe ngizoqinisekisa umphumela weDC. Kuze kube yileso sikhathi njengenjwayelo, ngeke ngivume ukuphawula ngalolu daba.”

IChiefs yawina lo mdlali ngo 2-0, kanti akwaziwa noma ingagcina iphuciwe yini amaphuzu amathathu, anikwe iSekhukhune, uma itholakala inecala.

Amakhosi asabhekene nokudluliselwa phambili kwecala lokungayidlali imidlalo emibili yeligi ngoDisemba, lapho kwakumele abhekane neCape Town City kanjalo neSuperSport United. Leli qembu laseNaturena laliwina icala kodwa iPSL isilidlulisele phambili.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.