IChiefs, yiBucs neDowns bangase baqeqeshwe abaseMzansi bobathathu

U-Arthur Zwane
Sihle Ndlovu

Amaqembu athathwa njengamakhulu eNingizimu Afrika, okuyiKaizer Chiefs, yi-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns, angase aqeqeshwe abaqeqeshi baseNingizimu Afrika womathathu ngesizini ezayo.

Lokhu kuyinto okungangabazeki ukuthi izinkakha zebhola eziningi zizoyijabulela njengoba zihlale zikhala ngokuthi abaqeqeshi bakuleli abanikwa ithuba ngokwanele njengoba kwenzeka kwabangaphandle.

Njengamanje iSundowns ishaya into ecokeme ngaphansi kwabaqeqeshi baseMzansi asebehlale kuyona isikhathi eside. Labo oManqoba Mngqithi, Rulani Mokwena noSteve Komphela.

Abafana Ba-Style bathathe izindebe ezintathu ngesizini esanda kuphela futhi babukeka beyiqembu elisazoqhubeka nokuthatha izindebe kumasizini ezayo.

IChiefs isanda kunika u-Arthur Zwane umsebenzi ngokuphelele ngemuva kokubamba noDillion Sheppard ngasekupheleni kwesizini edlule. Babambe kulandela ukuxoshwa kukaStuart Baxter. Abalandeli abaningi baMakhosi bebevele bekufisa lokhu ngoba njalo uma kubambe uZwane kuba khona umehluko.

IPirates kubhekeke ukuthi imemezele umqeqeshi omusha maduze nje kanti abalandeli bayo balindele igama likaBenni McCarthy. Kuvele kuleli qembu lika-Irvin Khoza kukhona uMandla Ncikazi obebambe noFadlu Davids ngesizini edlule, ngemuva kokushiya kukaJosef Zinnbauer.

Kunenkolelo yokuthi amaqembu amakhulu akuleli uma enza kahle singabuya isithunzi seBafana Bafana. Abanye abaqeqeshi bayakholwa futhi ukuthi kudingeka abaqeqeshi bakuleli kula maqembu ukuze baqinisekise ukuthi abadlali bakuleli abasebancane bayalithola ithuba lokudlala.

Ngaphandle kwamaqembu athathwa njengamakhulu kukhona AmaZulu FC azobe ecijwa uBrandon Truter ngesizini ezayo. NakwiCape Town City zizobe zidla ekhaya njengoba kuzobe kusaqhubeka u-Eric Tinkler. USteven Barker naye uzobe esayibambile kwiStellenbosch FC.

IRichards Bay FC nayo izobe icijwa umqeqeshi wasekhaya uPitso Dladla. Leli qembu lisanda kudla umhlanganiso kwiGladAfrica Championship ngaphansi kwakhe uDladla. KwiMarumo Gallants nakhona kusabhekeke ukuthi kuqhubeke uDan Malesela ofike wenza ushintsho ngesizini edlule.

UJohn Maduka, ocija iRoyal AM, sekufana nokuthi ungowakuleli yize edabuka eMalawi. Lo mqeqeshi ushaye into ecokeme neqembu ngesizini edlule liqala ukudla kwiDStv Premiership.

ILamontville Golden Arrows iqede isizini edlule isiqeqeshwa uVusumuzi “Kanu” Vilakazi noMabhudi Khenyeza abebebambile. Akwaziwa noma usihlalo uMato Madlala uzobanika yini iqembu ukuthi baqhubeke nokulicija ngokuphelele ngesizini ezayo.

Kuyisimo esifanayo nakwiChippa United eqede isizini icijwa uKurt Lentjies, okungaziwa noma uzowunikwa yini umsebenzi ngokusemthethweni ngesizini ezayo.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.