IChippa ichayise uLenjties yaqasha uKlate kwesokuqeqesha

UDaine Klate weChippa United
Sihle Ndlovu

IChippa United igcine ingayingenanga ngempela indaba kaKurt Lentjies njengoba imemezele uDaine Klate njengomqeqeshi wayo omusha ngoMsombuluko.

Leli qembu likaSiviwe “Chippa” Mpengesi limangaze abaningi ngesikhathi limemezela ukumiswa kukaLentjies ngeledlule. ULentjies uyena okuphele esebambe njengomqeqeshi kulandela ukuhamba kukaGavin Hunt.

Aliveli kwakuvela igama likaLentjies njengoba uKlate ezothatha izintambo zokuqeqesha. UKlate uzosizana noBruce July noSiya Gwambi abazoba ngamaphini akhe.

“IChippa United iyajabula ukumemezela uDaine Klate njengomqeqeshi wayo wesizini ka-2022/2023,” kusho isitatimende seqembu.

“UDaine ongowokudabuka eGqebehra ungomunye wabadlali asebewine izinto eziningi ebholeni laseNingizimu Afrika njengoba ewine izindebe eziningi kwiligi yasekhaya.

“Ngemuva kokuthola iFifa B license yakhe, kanti usalinde ukuqedela ilicense A yakhe, uDaine ubengumqeqeshi weqembu leDStv Diski challenge kula masizini amabili edlule futhi wenze kahle kakhulu.

“Iqembu liqede endaweni yesine ngesizini ka-2021/2022, kanti namanje iqembu lisemidlalweni eyandulela owamanqamu weDiski Shield challenge.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.