IChippa ingase ishone ehlathini igodle iNedbank Cup

USiyabulela Gwambi ocija iChippa United akalilahlile ithemba

SIHLE NDLOVU

IChippa United ibukeka isingene shi obushini ngemuva kokushaywa yiBaroka FC ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership eNelson Mandela Bay Stadium, ngoLwesibili.

Akuhambi kahle neze kwiChilli Boys njengoba sekusele imidlalo eyisikhombisa ukuthi kusongwe isizini. IChippa isendaweni yesibili ukusuka emsileni ngamaphuzu angu-17. Inkinga enkulu ebhekene nayo ukuthi iTshakhuma FC engaphezu kwayo isalele emuva ngemidlalo emibili, kanti iBlack Leopards esekugcineni ngamaphuzu angu-13, isalele emuva ngomdlalo owodwa.

Lokhu kuchaza ukuthi ingase ishone ehlathini neNedbank Cup uma igcina iyiwinile ngoMeyi 8. Izobhekana neTshakhuma FC kowamanqamu kodwa izinto azihambi kahle neze emidlalweni yeligi.

Umqeqeshi obambile kwiChilli Boys, uSiyabulela Gwambi, uthe abadlalanga kabi kakhulu kulo mdlalo kodwa wakhala kakhulu ngamaphutha.

“Siqale kahle kakhulu. Besinomdlalo ongcono kakhulu ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala. Besiwuphethe umdlalo kodwa senza iphutha elilodwa nje. Nokho besithemba ukuthi sizolishaya igoli ngesiwombe sokuqala noma sigweme ukudedela elinye.

“Iphutha esilenzile kube yilona goli lomdlalo, futhi yilona kuphela ithuba abalitholile ngesiwombe sokuqala. Sibuyile ngesiwombe sesibili sathi ake siqinise esiswini ngoba besibona ukuthi yilapho bebewuphethe khona umdlalo ngesiwombe sokuqala,” kusho uGwambi.

Ukhale kakhulu ngokudedela igoli elilula nabagcine beshaywe ngalo kulo mdlalo. Unozinti weChippa, u-Ismail Watenga, uvele wakhahlela ibhola laqonda ngqo kumdlali weBaroka walibeka phakathi kalula.

“Ngicabanga ukuthi umdlali wethu wasemuva bekumele alikhiphe ibhola ngaphambi kokuthi lifike kunozinti. Leli phutha lenze ukuthi sibe nengcindezi enkulu uma siphethe ibhola emuva,” kusho uGwambi.

IChilli Boys izobhekana neLamontville Golden Arrows emdlalweni weligi ngeSonto enkundleni efanayo. UGwambi uthemba ukuthi bazowantshontsha amaphuzu kulo mdlalo.

“Kumele sithole amaphuzu aphelele kulowo mdlalo (we-Arrows). Singawabala amaqembu esizodlala nawo ekhaya kodwa lokho akusho ukuthi lawo ngamaphuzu esizowathola nakanjani. Kumele sikusebenzise ukuthi sidlalela ekhaya kuqala ngomdlalo we-Arrows. Bekumele senze okufanayo sibhekene neBaroka,” kuphetha uGwambi.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.