IChippa isichithe uSeema yabuyisa umqeqeshi oyiqaqa eNingizimu Afrika

OkaDonga Gumbi
IChippa United seyigcine imchithile uLehlohonolo Seema obeqeqesha leli qembu yabe seyibuyisa uLuc Eymael ofana neqaqa ebholeni lakuleli ngemuva kwezinxushunxushu azidala.
Ngaphezu kwalokho, u-Eymael wahamba kabi eTanzania lapho abeseqeqesha khona ngemuva kokuqubuka kwezinsolo zokuthi unokucwasa ngokwebala. Lokhu kwavela ngesikhathi efanisa abalandeli beYoung Africans SC nezimfene, ethi abazi lutho ngebhola.
Wakuphika yena lokhu kodwa wahamba sekukubi futhi abaningi ebholeni lase-Afrika banxenxa ukuba le nkunzimalanga yaseBelgium ingaphinde ivunyelwe ukusebenza kuleli zwekazi.
Nokho sekuthe ngoLwesithathu ntambama ezikaSivuyile Mpengesi zamemezela izindaba zokuthi seziqashe yena esikhundleni sikaSeema.
“IChippa United seyiqashe uLuc Eymael njengomqeqeshi kuze kube kuphela isizini. Umdlalo wokuqala lapho u-Eymael ezobe esengumqeqeshi ngokugcwele kuzoba ngoweDStv Premiership sibhekene neSuperSport United eLucas Moripe Stadium, uma sesiqhubeka nesizini onyakeni omusha ngomhlaka-6 January, 2021,” besifundeka kanje isitatimende seChilli Boys.
Ibe seyiqinisekisa ukuthi zombili izinhlangothi phakathi kukaSeema neChippa zivumelane ngokuthi zihlukane ngesihle ngemuva kokudonsa kanzima ekuqaleni kwesizini.
“Isifiso sethu bekuwukuthi senze kangcono kule sizini kwazise kulawa adlule besidonsa kanzima sivikana nezembe. Omunye wemisebenzi ka-Eymael ukusifaka emaqenjini ayisishiyagalombili aqeda phezulu kule sizini,” kuchaza uMpengesi osedume kabi ngokungakwazi ukubekezelela abaqeqeshi.
Ube esefisela noSeema okuhle kodwa.
“Simfisela okuhle uSeema esikhathini esizayo, futhi siyambonga ngakwenzile ukuthuthukisa isithunzi seChippa United.”