IChippa ixegise umchilo idedela iSuperSportm isiyibambile

IChippa ixegise umchilo idedela iSuperSportm isiyibambile
OkaDonga Gumbi

IChippa United iyibambe ngamankwahla iSuperSport United kwabukeka izowuxegisa umchilo wezembe olokhu oludonsela ehlathini, kodwa yabuye yayidedela.

IChilli Boys iye kulo mdlalo weDStv Premiership obuseLucas Moripe Stadium ePitori ngoLwesibil kusihlwa iwadinga amaphuzu agcwele.

Lokhu bekungenxa yokuthi kwayona ixhashazwe yiKaizer Chiefs eyishayele ekhaya ngempelasonto, iyidondela ezembeni.

Kubukeke izohamba nawo wonke amaphuzu njengoba ihambe phambili ngegoli lika-Azola Matrose isikhathi eside.

Nokho kuthe sekusele umzuzu owodwa umdlalo uphele, iSuperSport yabekelwa iphenathi kulandela ukudlaliswa kabi kukaJesse Donn.

Ube esephakama uGampani Lungu walinamathisela enethini ibhola kwaba ngu 1-1, okusho ukuthi kuyacazelwana ngamaphuzu.

FUNDA NALA: Iqhathwe kahle iSundowns kwiCaf, iPirates yona izojuluka

Yize lilikhulu iphuzu lasekugcinenka-13 iChippa kanti isiqhele ngamaphuzu amane kuphela ezindaweni zezembe.

Sekuyashuba ke nokho njengoba sezihubela sakusha kule ligi njengoba leli qembu lase-Eastern Cape selisalelwe yimidlalo eyisithupha.

Amatsatsantsa asahleli endaweni yesishiyagalombili kodwa uma elilodwa kulamaqembu angemva kwayo ewina emidlalweni yawo, izosala ngaphandle yona.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.